IGalaxy ithele muva ivulela isibhaxu kwiChippa

IGalaxy ithele muva ivulela isibhaxu kwiChippa
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukulimala kabuhlungu kukaJemondre Dickens weChippa United, kwenze umqeqeshi wakhe uKurt Lenties wachiphiza izinyembezi bukhoma kwithelevishini.

UDickens ubegxumela ibhola wawa kabuhlungu kwaguquka inkomishi yedolo.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu bekungumzuzu ka-30 iChilli Boys ibhekene neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, ngoLwesibili.

Umdlalo ugcine uwinwe yiTS Galaxy ngo 3-1 nokungangabazeki ukuthi kuphinde kwamephula umoya kakhulu uLenjties.

Indawo kaDickens, ophume ekhala kwayena, ithathwe uPatrick Mokhele kulo mdlalo ebeziphuthumana sizuka nje.

UDickens uphuthunyiswe esibhedlela ngokushesha.

Igoli lokuqala lisheshe langena ngomzuzu wesithupha lishaywa uBienvenu Eva Nga, yahamba phambili ngo 1-0 iChippa, wamomotheka uLentjies.

Nokho iRockets ayihlalanga emuva njengoba ibifuna igoli lokulinganisa ngokushesha.

Ligcine liqhamukile igoli lishaywa uMthobisi Mngomezulu ngomzuzu ka-17.

Kwale ngisho sekulimele kabuhlungu uDickens kodwa la maqembu angayeka ukuphuthumana kwaze kwaba ziya ekhefini.

Ngesiwombe sesibili bekuwusewumfutho ofanayo. Bese kuqine nonyawo kakhulu nobekwenza ukuthi unompempe akhuze ekhuzile ikakhulukazi esiswini.

Kuthe ngomzuzu ka-83 unompempe wabeka iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaWayde Lakay weGalaxy ebhokisini.

FUNDA NALA: UKhoza uthi baphezu kwalo udaba lweChiefs

Akabange esananaza uMenzi Ndwandwe wayibeka phakathi kwaba ngu 2-1.

Ukuwina kweRockets kuthe ukuyiphefumulisa emsileni njengoba izama ukubalekela izembe.

IChilli Boys ike yazama nayo ukufuna eyayo iphenathi kunompempe ngemizuzu yokugcina kodwa wathalalisa.

Kuvele kwaphela nya ngamathemba eChippa ngesikhathi uLakay eshaya igoli lesithathu leRockets sekusele umzuzu owodwa kuphele umdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.