IGallants ayisinisi mahleza, ifuna ukufika kuzwakale ebholeni lakuleli

IGallants ayisinisi mahleza, ifuna ukufika kuzwakale ebholeni lakuleli
USebastien Bernard Henri Clement Migne
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Marumo Gallants

IMarumo Gallants FC ibukeka izoba yiqembu elinzima kakhulu ngesizini ezoqala uma kubhekwa indlela esayinisa ngayo. Leli qembu ebelibizwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila ngesizini edlule, liqinise kakhulu ekusayiniseni abadlali bangaphandle abanamava, kanti lisanda kumemezela nomqeqeshi onesipiliyoni somhlaba.

IGallants imemezele ukuthi isiqashe umqeqeshi uSebastien Bernard Henri Clement Migne’. Lo mqeqeshi oneminyaka engu-48 ungowokuzalwa eFrance kanti useke wathi xhinti kwi-Equitorial Guinea naseKenya, lapho ebeqeqesha amaqembu esizwe akhona. Uke wasebenza futhi njengemenenja eqenjini lesizwe laseDemocratic Republic of Congo.

Lo mqeqeshi ufike ePolokwane ngoLwesithathu ehamba nephini lakhe uJean-Francois Loscuito waseBelgium. ULoscuito oneminyaka engu-49 uke wasebenza e-Equitorial Guinea (ecija iFuture Kings) nase-Egypt (ecija iTala ea El Geish Sporting Club). ENingizimu Afrika uke waqeqesha iBlack Leopards neRichards Bay FC.

IGallants ayigcinanga lapho njengoba iphinde yamemezela uHarris Chueu njengeTechnical Director yayo entsha. Le nkakha eneminyaka engu-60 inamava amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba seyike yasebenza kwiMamelodi Sundowns, Orlando Pirates nakwiSuperSport United.

Abanye abamenyezelwe uMuhammd Zaid Patel (27) odlalele iqembu laseSpain iLoja CD FC, umdlali waseZimbabwe oneminyaka engu-24 uLearmore Muyambo obedlalela iHarare City FC nomdlali waseNetherlands uJoreon  Lombe Lumu (27) obedlalela iFloriana FC.

Usihlalo weMarumo Gallants, u-Abram Sello, ubamukele bonke abasha eqenjini wathi uthemba ukuthi  uneqembu eliqine ngokwanele ukuncintisana namanye amaqembu ngesizini ezayo.

“Yisikhathi esijabulisayo kakhulu kithina njengeqembu ukusayinisa abantu abanamava kangaka. Sizoncintisana kalula kwiPSL nakwiCAF Confederation Cup. Ngithanda ukubonga ithimba lami lezimenenja ngokusebenza kanzima emasontweni edlule ukuthola leli khono elingaka,” kusho uSello.

FUNDA NALA: Ukhala ngophuzo athi lwamholela ophathe uManqele owaduma kwiChiefs

Mayelana nokuqasha uChueu uthe: “Sikholwa wukuthi ngokuholwa uyena sizokwazi ukufeza amaphupho ethu. Isizini edlule ibingelula ngoba besibalwa namaqembu avika izembe kodwa sizamile saphinde sawina neNedbank Cup.”

IGallants ishaye iChippa United kowamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule. Lokhu kuchaza ukuthi izodlala kwiConfederation Cup ngonyaka ozayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.