IGallants ikhahlelele iPirates ngaphandle kweNedbank Cup

Sihle Ndlovu

Abavikela isicoco seNedbank Cup, iMarumo Gallants, iwashise ijezi i-Orlando Pirates ngokuyishaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120 kulo mdlalo weLast 16 yeNedbank Cup ka-2022. Amaqembu abenawo nokho amathuba okushaya amagoli okuwina kungakapheli imizuzu engu-90.

IBucs iyona ebiphethe umdlalo  isikhathi esiningi ngesiwombe sokuqala kodwa ingafiki ngendlela efanele emapalini eGallants.

Nokho ngomzuzu weshumi uZakhele Lepasa uthole elihle ithuba lokushaya igoli kodwa walibhulukela ephambi kwamapali. IGallants ilitholile elayo ithuba lokushaya igoli ngomzuzu ka-15 kodwa ibhola ebelishaywe uNdabayithethwa Ndlondlo, walichitha uRichard Ofori.

Ngumzuzu ka-18 uKwame Peprah ubambe ibhola ngesandla esebhokisini kodwa unompempe, uChristopher Kistoor, wangayinika iphenathi iGallants. Nokho ngumzuzu ka-20 uHappy Jele udlalise kabi uJoseph Molangoane ebhokisini unompempe walikhomba emlotheni.

Le phenathi ibekwe phakathi uNdlondlo yahamba phambili ngo 1-0 iGallants. Izamile ukushintsha amagiye iBucs nokuphethe ngokuthi uBandile Shandu ashaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-30.

Isiwombe sesibili siqale amaqembue esezama ukuqaphela womabili kodwa bekubhoke ukuqina konyawo obekwenza unompempe akhiphe amakhadi aphuzi elandelana.

Ukuhlaselana kwamaqembu womabili kugcine kungaqhamukanga nagoli ngesiwombe sesibili, njengoba umdlalo uphele ngo 1-1. Zibe seziya esikhathini esengeziwe semizuzu engu-30.

Nalapho ziphinde zagaldulisana zaze zabukana ingekho efuna ukugoba uphondo, indaba yaze yayoqedelwa phansi kwepali.

Kulapho ke iGallants ifike yawuqedela khona umsebenzi iwina ngo 5-4.

editor@impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.