IGallants iphendule i-AS Vita isidlo sasekuseni koweConfed Cup

IGallants iphendule i-AS Vita isidlo sasekuseni koweConfed Cup
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ifakazele isisho sesintu esidala esithi umuntu akalahlwa iMarumo Gallants iziwinela kalula nje kwi-AS Vita Club taseDemocratic Republic of Congo.

Leli qembu laseLimpopo belinenkinga yomqeqeshi njengoba lixoshe uSebastien Migne ngempelasonto edlule.

Alizange lisamemezela ukuthi liqashe bani kwaze kwavela uRaymond Mdaka njengoyena osengumqeqeshi ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lokhu kuvele seyikhipha uhlulwabadlali abazoqala mdlalo kade ibhekene neVita emdlalweni weCAF Confederation Cup.

Imithetho yeCAF ifuna kube ngumqeqeshi onezicucu ezithile zokuqeqesha ohlala ebhentshini emidlalweni yayo.

UMPho Makola obebambile kusukela kudedelwe uMigne akanazo kodwa nguye obeme ngezinyawo eyalela abadlali okumele bakwenze kulo mdlao wangoLwesihlanu.

IGallants isheshe yayicacisela iVita ukuthi ifikele ukuzothwala uthayela kunomoya kuleli njengoba ingazange iyinike ithuba lokuthi idlale.

Kuthe ngomzuzu ka-19 uCelimpilo Ngema wawuqala umsebenzi obalulekile okuwukushaya amagoli eyibeka phambili.

Ngemuva kwalokho abekhona namanye amathuba kuwo womabili amaqembu ukuthi bekungayiwa ekhefini amagoli esengaphezulu kwalokhu.

Esiwombeni sesibili iGallants ibuye seyibukisa, seyiyihubhisa izithunzi iVita engelinye lamaqembu asatshwayo kulo mqhudelwano.

Kuthe kusaphele kancane nje ngaphezu kwemizuzu eyishumi siqalile isiwombe sesibili, wakuphinda lokho uNgema eshaya igoli lesibili.

Ngemuva kwalokho bekungathi sebethelwe ngezibonkolo benoNdabayithethwa Ndlondlo njengoba bebechachaza, bezenzela kwiVita.

Nokho kubuye kwavela ukuthi uma usubukisa kakhulu ngomuntu ugcina ekujikelile njengoba iVita ibuye ngasekugcineni yalithola igoli.

FUNDA NALA: UBenni uthi bazoyishayela ekhaya iMazembe ebahlule eMabhida

Leli goli seliyoyisinda iGallants ekuhambeni ngoba lizobalwa kabili uma kwenzeka umdlalo uphela zibambene sekuhlanganiswe imiphumela.

Kodwa ingalikhansela kalula ngokuthi ifike ishaye elinye nayo ekuhambeni okungayisiza ukuthi idlulele esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano.

NJengokujwayelekile emidlalweni yale miqhudelwano yamaqembu yeCAF, nalona uphele sekunezigemegeme kuthukwana, kunjeya.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.