IGallants iyeke ukudansa noMalesela yalanda owaseMorocco

URomain Folz
Sihle Ndlovu

IMarumo Gallants seyimemezele uRomain Folz waseMorocco njengomqeqeshi wayo omusha, ozoyihola ngesizini yeDStv Premiership ka-2021/2022.

Ukunikwa umsebenzi kwalo mqeqeshi kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka kaDaniel “Dance” Malesela. Ngemuva kokuzihlupha iqembu lithungatha umqeqeshi, likhethe ukulanda uFolz ukuthi alihole ohambeni lwalo olulandelayo, ngokusho kwesitatimende seMarumo.

Usihlalo weqembu u-Abram Sello uthe: “Siyamemukela umqeqeshi uRomain Folz eqenjini. Ufika namava nomfutho endleleni yokwenza izinto ebholeni nesikholwa wukuthi kuzoyisiza kakhulu iMarumo Gallants.”

UFolz uzothatha izintambo ngokusemthethweni njengomqeqeshi kusukela ekupheleni kukaJuni 2022.

“Ngiyajabula futhi ngizizwa ngihloniphekile ngokujoyina iMarumo Gallants FC neligi efana nePSL,” kusho lo mqeqeshi.

“Amazwi ami okuqala aqonde kubalandeli. Ngingabatshela ukuthi yonke imizamo nomsebenzi onzima esizokwenza zonke izinsuku, sizokwenzela bona. Sifuna ukubenza baziqhenye futhi ngizozinikela ngakho konke ukuqinisekisa lokho.”

Ayanconywa amagalelo alo mqeqeshi yize kuvela ukuthi uneminyaka engu-31 kuphela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.