IGallants izodlala owamanqamu weNedbank okwesibili iminyaka ilandelana

Sihle Ndlovu

IMarumo Gallants izothola ithuba lokuvikela isicoco seNedbank Cup esithathe ngonyaka odlule nokuyenze yadlala kwiCAF Confederation Cup.

Lokhu kulandela ukuthi ishaye iTshakhuma FC ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup eThohoyandou Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

Kulo mdlalo womkhaya bekulindeleke noma yini njengoba iTshakhuma imangaze abaniningi ishaya iSuperSport United ngo 3-2 kwi-quarterfinal yalo mqhudelwano. Kulo mdlalo leli qembu lake lalandela emuva ngo 2-0 kodwa labuya lawina.

Leli qembu lingelinye lalawo ambalwa ukuthi ayodlala kowamanqamu weNedbank Cup iminyaka ilandelana. Emdlalweni wayizolo bezigadulisana lingekho ebelifuna ukugoba uphondo kwaze kwaba yisiwombe sesibili.

Igoli elenze umehluko lize noThabo Khiba ngomzuzu ka-64. Ngaleso sikhathi bese ibhokile iGallants ifuna igoli, kuhlasela kakhulu uPhillip Ndlondlo.

Ngesiwombe sokuqala abengemaningi amathuba okushaya amagoli kuwona womabili amaqembu. Nokho emizuzwini engu-30 yokugcina umdlalo ushintshe kakhulu womabili amaqembu esebhukulile.

Ngomzuzu ka-81 iGallants izithole ingasaphelele ngemuva kokukhishwa kukaKatlego Otladise ngekhadi elibomvu.

IGallants izobhekana nozowina phakathi kweRoyal AM neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu wesibili eChatsworth Stadium ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku. Lona umdlalo obhekwe ngabomvu njengoba la maqembu evutha womabili kule sizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.