IGallants izoyifica kabi iPirates ifuna ukukhipha isibhongo sedabhi

IGallants izoyifica kabi iPirates ifuna ukukhipha isibhongo sedabhi
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates izobe ifana nenyoka enyathelwe yizinkomo, esicasukile efuna ukugalela kokuvelayo uma seyibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weNedbank Cup ngoLwesithathu.

Phela iPirates iphuma endukwini eyihlazo yomkhaya bayo iKaizer Chiefs kwiDStv Premiership ngempelasonto.

Manje ifuna ukubuyisa isithunzi sayo, ithobe nabalandeli amanxeba ngokuthi ivuthulule iGallants kaDaniel “Dance” Malesela ePeter Mokaba Stadium. Umdlalo uqala ngo-6 kusihlwa.

Umqeqeshi weBucs, uFadlu Davids uthi sebezithintithile futhi sebebheke ukuqhubeka nempi kwazise iNedbank Cup yiyona ndebe yakuleli abangavika ngayo ihlazo lokuqeda isizini beshwiba izandla.

“Kubalulekile ukuthi uma usungena emidlalweni yomkhumulajezi uqinise ukuzimisela ngoba yona yehlukile kunemidlalo yeligi,” kusho uDavids.

FUNDA NALA: Kuphakanyiswa uMpengesi ekutheni ayohlangula iSafa

“Sizoya kulo mdlalo sizimisele kakhulu njengoba sazi ukuthi siphuma endukwini futhi sibheke ukujika izinto ngokushesha.

“Kuningi okuhle esingakuhosha kulowa mdlalo odlule bese sibheka nakho phambili ngoba siyazi iqembu esizobhekana nalo liyinkinga.

“Bayiqembu elithandayo ukugcina ibhola bese belidlala. Kumele thina sikwenze kube nzima kubo ukugcina ibhola bese kuba yithi esilawula umdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.