IGallants seyiqashe umqeqeshi omusha kodwa ayicacisi ngoMdaka

IGallants seyiqashe umqeqeshi omusha kodwa ayicacisi ngoMdaka
URaymond Mdaka
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Iyaqhubeka nokupheka ithulule iMarumo Gallants njengoba seyiqashe uDan “Dance” Malesela ukuba ngumqeqeshi wayo omusha.

Nokho engakucacisanga wukuthi kuzokwenzakalani ngoRaymond Mdaka obesanda kuqashwa kulo msebenzi.

Kwayena uMdaka ubeqashwa nje bekukade kusanda kuxoshwa uSebastien Migne obeqashwe ekuqaleni kwesizini.

Obekuxaka ngesikhathi sikaMdaka ukuthi bekuthi uma kukhulunywa nabezindaba kube nguMpho Maleka owenza lokho.

Nasemidlalweni bekubonakala kunguMaleka otshela abadlali okumele bakwenze.

Kwavela ke nokho ukuthi uMdaka wayeqashwe sekuphuthunywa ngenxa yokuthi unezicucu ezimvumela ukuthi ahlale ebhentshini emidlalweni yeCAF.

IGallants yiyo ne-Orlando Pirates abamele iNingizimu Afrika kwiCAF Confederation Cup.

“Ngemuva kokucubungulisisa kwethimba labaphathi, iMarumo Gallants FC imemezela ukwengezwa kwethimba labaqeqeshi.

“UDan Malesela useqashwe njengomqeqeshi omusha. Lo mqeqeshi onamava wake wadlala kwi-Orlando Pirates kanti useke waqeqesha kwiChippa United nakwiTS Galaxy.

FUNDA NALA: IRoyal AM iwavumile amacala ebibekwe wona yiPSL

“Ngo-2018 uMalesela waqashwa njengomqeqeshi weqembu elalidlala esigabeni sesibili sebhola kuleli iTS Galaxy.

“Kulapho la ayisiza yashaya iKaizer Chiefs engelinye lamaqembu anempumelelo ekhangayo kuleli ngo 1-0 kwiNedbank Cup.

“Le nkakha lePirates iyaziwa ngokuthi amaqembu awaqeqeshayo adlala ibhola elikhangayo.

“UMalesela ukujabulele ukuba yingxenye yeGallants futhi ufuna ukuthatha iqembu alise phezulu,” besifundeka kanje isitatimende seGallants.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.