IGallants yilona lodwa iqembu elingakawini kwiPremiership

UNdabayithethwa Ndlondlo weMarumo Gallants

 

Sdina Ngubo

IMarumo Gallants yilona lodwa iqembu leDStv Premiership elingakawini nowodwa umdlalo selokhu kuqale isizini ka-2022/2023.

IBahlane Ba Ntwa isakwaze ukuqoqa amaphuzu ayisithupha kuphela ngemuva kokudlala imidlalo eyisishiyagalombili kule sizini. Badlale imidlalo eyisisithupha ngokulingana base beshaywa kwemibili okubenza bayibambe endaweni ka-16 kwilogi yePremiership.

IGallants ishaywe yiChippa United ngo 1-0 ngempelasonto kodwa uRaymond Mdaka, okunguyena obehleli ebhentshini, ukholwa wukuthi asikho isidingo sokutatazela manje.

“Bekungomunye waleyo midlalo. Ngicabanga ukuthi ngesiwombe sokuqala sidlale kahle ukuthi nje sihlulekile ukushaya igoli,” kusho uMdaka ngemuva komdlalo.

“Basibambe ngokuzuma kanye, ngemuva kwalokho sizamile ukuphusha abafana bethu kodwa bagcina (iChippa) beyiqembu elingcono ngoba bashaye igoli. Abafana badlale kahle ukuthi nje asilishayanga igoli.”

IGallants ngoLwesibli imemezele uDaniel “Dance” Malesela njengomqeqeshi wayo omusha. Akwaziwa ukuthi uzofika naluphi ushintsho eqenjini kodwa ngaphambi kwalokhu uMdaka ubethe asikho isidingo sokutatazela.

“Awuvele ushaywe bese ucabanga ukwenza ushintsho. Wenza ushintsho uma izinto zibheda ngempela, okwamanje akukubi kakhulu ukuthi nje sishayiwe kulo mdlalo,” kugcizelela uMdaka.

IBahlane Ba Ntwa iqale isizini inoRomain Folz njengomqeqeshi wayo. Lo mqeqeshi oneminyaka engu-32 uselishiyile iqembu njengoba sekubuyiswe uMalesela okunguyena obehola iqembu ngaphambi kokugoqwa kwesizini edlule.

IGallants izobhekana neTS Galaxy emdlalweni wePremiership eMbombela Stadium, eNelspruit ngo-October 4. Kuzomele baqale bawine imidlalo kungenjalo ingcindezi izolokhu ikhula kubona. Ngokwabadlali ayinankinga kakhulu njengoba kukhona abanekhono njengoNdabayithethwa Ndlondlo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *