IGhana FA ifuna sichithwe isikhalazo seSafa, asikho emthethweni

IGhana FA ifuna sichithwe isikhalazo seSafa, asikho emthethweni
UHugo Broos no-Ethan Brooks
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Njengoba yayinikwe kuze kube ngumhla ka-20 yiFifa ukuba iphendulo ngezinsolo eziqukethwe esikhalazweni seSafa, iGhana FA seyiphendulile.

Le nhlangano kuthiwa ithumele incwadi evuthayo kwiFifa iziphendulela ngalokhu iBafana ekhala ngakho.

Ngaphezu kokuthi ithi iSafa iyazitetemela, iGhana FA ithi lesi sikhalazo sifaka ibhola lomhlaba ehlazweni.

ISafa yacela kwiFifa ukuba iphenye ngomdlalo la iBlack Stars yahlula khona iBafana ngo 1-0 kubangwa ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

Okunye owakvezwa yiSafa wukuthi kwenyuka ngendlela engawayelekile ukubheka kulo mdlalo nokuthi unompempe wayenzelela.

IGhana FA ithi ifuna sichithwe lesi sikhalazo iFifa ingaze izimoshele isikhathi ngaso ngoba akulandelwanga imigomo efanele ngesikhathi sifakwa.

Ithi ngokwemithetho yeFifa isikhalazo kumele sifakwe ku-match commissioner kusanda kuphela umdlalo.

ISafa yamazisa ngomlomo u-match commissioner ukuthi izofaka isikhalazo kodwa ayizange ichaze okuningi.

IGhana FA ithi nesibhaliwe kwakumele sifakwe kwiFifa singakapheli isikhathi esingamahora angu-24 okuyinto engenzekanga.

Kodwa iSafa yasifaka isikhalo ngesikhathi kuwukuthi kuso ayibufakanga ubufakazi nbokunyuka kokubheja.

Nokuhlaziywa kokusebenza kukanompempe okwenziwa ngu-Ace Ncono akuzange kufakwe ngesikhathi.

Akukacaci ke ukuthi iSafa yachaza yini kwiFifa ukuthi obunye ubufakazi izobuye ibuthumele.

FUNDA NALA: Konke osekwenzekile kusukela kulo mdlalo wezimanga

Kuthiwa nemali elinganiselwa ku-R17 000 yokufaka icala ayizange iSafa iyifake ngesikhathi esifanele okwenza lesi sikhalo sayo singabi semthethweni.

“Ekugcineni nje, lesi sikhalazo mbumbulu seSouth African Football Association ngesokusabisa nje.

“Siyindlela yokuzama ukungcolisa nokuhlambalaza igama leNdebe yoMhlaba,” kusho iGhana FA encwadini yayo.

“Thina simile ekutheni lesisikhalo mbumbulu asifanelwe ukunakwa futhi safakwa ngaphandle kobufakazi obubambekayo.

“Into esiyenzayo nje wukunyanyisa iGhana Football Association nokwehlisa isithunzi seNdebe yoMhlaba neseBlack Stars.

“Siyanxusa ukuba sichithwe lesi sikhalo mbumbulu bese kuba nenhlawulo enikwa abasifakile.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *