IGhana izobe ihlome iphelele isibhekene neZimbabwe

IGhana izobe ihlome iphelele isibhekene neZimbabwe
UJordan Ayew
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke ukuthi babe khona abadlali abamqoka beGhana abasemaqenjini ehlukene e-England babe khona uma seyidlala neZimbabwe.

Laba badlali benqatshelwa ukuya eNingizimu Afrika ngesikhathi iBlack Stars idlala neBafana Bafana ngenxa yokuthi leli lizwe likleliswe kwayingozi kakhulu ngokweCovid-19.

NeZimbabwe ikhona kulolo luhlu lwamazwe abantu base-England noma abasebenza khona abangavumelekile ukuwavakashela.

Nokho amathemba okuthi bazodedelwa kulokhu enyukile njengoba izingxoxo phakathi kweFifa nohulumeni wase-United Kingdom zithembisa.

Kubhungwa ngokuthi i-UK ithi ukuxegisa imithetho yayo ikakhulukazi kubadlali. Lokhu kungenxa yokuthi imidlalo isuke idlalwa kulandela imigomo eqinile yokuqinisekisa ukungatheleleki ngaleli gciwane.

IBlack Stars yathola isibhaxu kwiBafana Bafana okuyenza ihlale endaweni yesibili eqoqweni layo emkhankaseni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngemuva kwemidlalo emibili.

FUNDA NALA: UMhango ubusise amantombazane qede wehlulwa ukubhadalela utshwala

IGhana izogadulisana neZimbabwe ngasekuqaleni kwenyanga ezayo bese iBafana yona ibhekane ne-Ethiopia.

Izindaba zokutholakala kwabo bonke abadlali zizomjabulisa kakhulu umqeqeshi weGhana uMilovan Rajevac.

Iqembu lakhe labhekana neBafana bengekho oJordan Ayew, Jeffrey Schlupp, Baba Rahman, Daniel Amartey no-Andy Yiadom.

Laba abavunyelwanga ukuya eGoli neqembu elagcina lihlulwe ngo 1-0 yiBafana emdlalweni owawwuseFNB Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.