Igidagida ndawonye iChiefs eshaywe yiCity

UReeve Frosler noFagrie Lakay

OKADONGA GUMBI

Ibukeka iya ngokuqansa indlela yeKaizer Chiefs kwiDStv Premiership njengoba ihamba ngesivinini somnenke nokungenza igcine ingangenanga emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi ekupheleni kwesizini.

Amakhosi aphinde azithola efana nemoto eshibilike yagaxela ebhobeni ibhuquziswa yiCape Town City ngo 2-1 eFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Amakhosi abengafisa ukuwina kulo mdlalo ukuze agxumeke kwiTop 8, kodwa ehluleka ancama ukuphuma notho kulo mdlalo.

Lo mphumela uyehlisele endaweni ka-11 njengoba bengenelwe amagoli amabili, iCity yona isahleli endaweni yesikhombisa.

UTashreeq Morris uyeke imbuzi ngomzuzu ka-18 ephaselwa yisitobha seChiefs ibhola ephambi kwepali, kodwa wavele walibhamuza phezulu. Nokho usheshe walilungisa iphutha lakhe.

Ngomzuzu ka-21, uMpho Makola ucwenge lo mgadli phakathi kwezitobha zaMakhosi, naye akangabe esalenza iphutha waliphambanisa no-Itumeleng Khune ibhola kwaba ngu 1-1.

Avelile amathuba kuwo womabili amaqembu kodwa awangawasebenzisa ngendlela eyiyo kwaze kwayiwa ekhefini kusahamba phambili iCity ngelilodwa, Amakhosi wona esazigingqela iqanda.

Kubuywa ekhefini, iCitizens iqhubekile nokuhlasela kanti isheshe yalithola elesibili. Bekungumzuzu ka-54 ngesikhathi uSurprise Ralani ededela ishodi ekude, waba nenhlanhla ibhola lakhe lazishayisa kuMulomowandau Mathoho, laphambana noKhune laze layovimbeka enethini kwaba ngu 2-0.

Nokho iChiefs icishe yasheshe yabuya nayo kodwa ibhola likaSamir Nurkovic lavinjwa seleqa ulayini ngomzuzu ka-56. Ubuye wayiyeka ke kodwa naye imbuzi ngomzuzu ka-61 sekuthiwe hlaba udle wavele washaya into ebheke entalashishi.

UKearyn Baccus, ongene ekuqaleni kwesiwombe sesibili endaweni kaNkosingiphile Ngcobo, nguye oze wakwazi ukudabula inethi ngomzuzu ka-67, engqofa ibhola ebeligotshwe kwesokudla.

Indlela iChiefs ebisilifuna ngayo igoli ibisithumela wonke umuntu, buka nje ngoba ngomzuzu ka-84, uSiyabonga Ngezana ushode ngenhlanhla ibhola lakhe liphuma eceleni.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.