Igobe ekugcineni iBaroka iwashiswa ijezi yiMarumo

Igobe ekugcineni iBaroka iwashiswa ijezi yiMarumo
Alfred Ngubane

IBaroka ilidedele ekugcineni sekubhekwe ukuthi umdlalo wayo weNedbank Cup neMarumo Gallants udlulele esikhathini esengeziwe.

Leli qembu likaKgoloko Thobejane beliwuthwale zisuka uthayela kunomoya kodwa lakwazi ukuvala emuva.

Bekubhoke unozinti walo u-Elvis Chipezeze esiwombeni sokuqala obeyichitha yonke imizamo yeMarumo ukuze kuyiwe ekhefini zisabambene.

Esiwombeni sesibili iBaroka ibuye seyingcono futhi kungathi isangamangaza kulo mdlalo kugcine kudlule yona.

Kodwa kuthe seyithembile, waqhamuka uDion wadabula inethi eshaya igoli okuyilo eliwezele ezikaDan Malesela emzuliswaneni olandelayo.

UThobejane ukhale ngamathuba abawayekile ngemuva komdlalo. “Thina besibayalele ukuthi baigcine ibhola.

“Lo mdlalo kodwa awuzange ube sezingeni lethu. Phambilini besilokhu silikhahlela phambili ibhola okuyinto esingayazi thina,” kusho uKgoloko.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weTshakhuma uchaza ngokugqoka kwakhe ezamasosha

UMalesela yena usole abadlali bakhe ngokungayenzi into ebebuyithunyiwe nokungakwazi ukucabangela uma sebesenkundleni.

“Angifuni ukugxeka abadlali kakhulu… kodwa uma ubheka izikhala abebezivula zikhomba ukuthi kukhona abebengakwenzi kahle.

“Esiwombeni sesibili senze izinguquko kwaba ngcono. Sithole nje amathuba angacacile. Kodwa esiwombeni sesibili bese kubonakala esikwenzayo.

“Sekungokwesihlanu manje ngiya esigabeni esandulela owamanqamu. INedbank iyangithanda, nami nginyayithanda,” kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.