Igoli kuphela eligolozile iCity ibambana neSwallows kwiMTN 8: Tinkler

Igoli kuphela eligolozile iCity ibambana neSwallows kwiMTN 8: Tinkler
UJunaid Sait noBradley Ralani
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukhale wazithulisa umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler njengoba ezakhe zihluleke zancama ukushaya igoli yize beziwuphethe umdlalo zibhekene neSwallows.

ICity idlale ebhola elihle elishoshela phambili kulo mdlalo weMTN 8 obuseKapa ngeSonto ntambama.

Bekusewumlenze wokuqala kanti njengoba uphele zibambene ngo 0-0 nje izinto zibukeka sezivuna yona iCity kowomlenze wesibili.

Sekuyodingeka ukuthi leli qembu likaTinkler lidlale ngokulingana kodwa kube namagoli ukuze lidlule. Uma uphinde waphela kungekho eshaye igoli, kuyobe sekukhahlelwa amaphenathi.

“Sidlale kahle namuhla uma ubheka ngokokuphatha kwethu umdlalo. Besazi ukuthi iSwallows izoba nzima ngenxa yendlela edlala ngayo.

“Isebenzisa abadlali basemuva ezimpondweni ukuhlasela. Sijike indlela esijwayele ukudlala ngayo kancane ukuzama ukubazuma.

FUNDA NALA: Akumkhubanga kakhulu uSeema ukudedela kwe-Arrows iSundowns

“Sisebenzise abadlali abaningi abahlaselayo. Sikwenze konke kahle kukodwa nje okusihlulile -ukufaka ibhola enethini.

“Unozinti wabo ubevimba amabhola anzima kanti amanye abezishayisa epalini… Ibhola bekinqaba ukungena enethini.

“Ngijabule ngokuthi asingenelwanga goli kodwa bekumele ngabe silishayile thina elethu,” kuchaza uTinkler.

Umdlalo womlenze wesibili uzodlalwa ngoSepthemba 29. Iqembu eliyowina lapho liyobe selizibekisela indawo kowamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.