Igoli likaMaart lihle kunelika-Ajao emlandweni weChiefs

Igoli likaMaart lihle kunelika-Ajao emlandweni weChiefs
UYusuf Maart weKaizer Chiefs

 

Igoli likaYusuf Maart weKaizer Chiefs amangaze ngalo uSiyabonga Mpontshane we-Orlando Pirates kusakhulunywa namanje ngalo.

UMaart ushaye iconsi legoli engakaweqi ngisho umugqa waphakathi nenkundla ngesikhathi iChiefs ishaya iPirates ngo 1-0 koweDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo.

Kuthe kwenzeka lokhu iChiefs kade seyigeje inqwaba yamathuba ikakhulukazi u-Ashley du Preez.

UMaart akayena umdlali wokuqala weChiefs ukushaya igoli ekude. UMuisi Ajao wake wakwenza lokhu Amakhosi ebhekene neManning Rangers ngo-1997.

Umehluko nje ukuthi yena walishaya eseweqile umugqa waphakathi nenkundla.

U-Ajao waseNigeria wafika eNingizimu Afrika ezodlalela iChiefs ngo-1997 kodwa wagcina esekwiMamelodi Sundowns.

FUNDA NALA: UJose Riveiro ulibona kuye iphutha lokushaywa kwePirates kwidabhi

Lokhu kuchaza ukuthi elikaMaart yilona elihamba phambili njengoba elishaye ekude kangaka.

Ukuwina kweChiefs kususe umthwalo emahlombe ka-Arthur Zwane njengoba iqembu belihluleka ubamba umgqigqo kahle.

IChiefs ibisishaya iPirates okwesine kulandelana nokuyinto eqalayo selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL).

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows ngoDisemba 31.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *