Igoli lokuqala selimenze isilomo uTau kwabeBrighton

UTau useqede konke ne-Al Ahly, usezophinde ahlangane noPitso
UPercy Tau
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPercy Tau ungundabuzekwayo kubalandeli beBrighton & Hove Albion e-England kulandela igoli elibe yingcwenga yento alishaye emdlalweni wobungani ngempelasonto.

Kodwa yize igoli libe lihle futhi labuveza obala ubukhali bakhe phambi kwepali, kube wumdanso awushayile ngemuba kwalo ochaze abalandeli kakhulu.

Kuthiwa abanye bebewuzama ngemuva komdlalo futhi befisa ukwazi ukuthi uTau uwususelaphi lo mdanso. Abeqembu lakhe babe sebexoxa naye ngalokhu.

“Ngijabule ukuthi kwenzekile (ebengizama ukukwenza). Mina ngibone ithuba lokuthi ngingalishaya igoli ngabe sengizama.

“Kube sewenzeka ngampela,” kusho uTau. Lo mdlali ubonakala esezinhlelweni zeqembu kulokhu kwazise ngesizini edlule ubebolekisiwe.

Ubuye wabuyiswa lapho kodwa akangalinikwa ithuba lokudlala obekwenza abalandeli bakhe bakuleli baphatheke kabi. Abanye bebeze babhale ezinkundleni zokuxhumana ze-Albion beyithuka ngalokhu.

UTau uthe usethemba ukuthi njengoba eseyibhakuzisile nej inethi okokuqala edlubhe imibala yeSeagulls, usezoqhubeka njalo.

“Sengethemba ukuthi abalandeli bazowubona njalo lowo mdanso wokujabulela igoli. Iyona indlela engijabulela ngayo igoli leyo.

“Yindlela engangijabula ngayo ngisaseNingizimu Afrika uma ngiqeda kubhakuzisa inethi. Lo mdanso ngiwususela kowasesontweni ebengikhonza kulo.

“Mina ngithe nje ukuwunonga lapha nalaphaya ukuze uhambisane nobumnandi bokudla inethi,” kuchaza uTau.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.