Igolozisa okwembuzi inqaba ukuya emsamo ukusuka emsileni iCape Town Spurs

USonwabile Mfecane weSekhukhune United

OKADONGA GUMBI

Ubungaphika ulale ngomhlane ukuthi kuseyiCape Town Spurs eyodwa le ebibhaxabulwa kalula yiSekhukhune United ngoMgqibelo nale eyadazisa iBlack Leopards inkani yaze yagcina iyinqobile kumaphenathi kwiNedbank Cup.

Ukuhlula iLidoda Duvha kwiKe Yona, nendlela eyadlala kahle ngayo kwenza kwabonakala sengathi i-Urban Warriors isingene egiyeni elifanele ngaphansi komqeqeshi omusha u-Ian Taylor.

Kodwa iBabina Noko ikuqede konke lokho kucabanga ngokuyifaka induku ka 4-1 emdlalweni weGladAfrica Championship eCape Town Stadium ngoMgqibelo.

Kubukeke izinto zihamba kahle kwiSpurs ngesikhathi ishaya igoli ngomzuzu wesihlanu kodwa kuthe kuyiwa ekhefini bese ilandela ngemuva ngamagoli amabili wonke njengoba bese kungu 3-1. Ishaye elinye esiwombeni sesibili iSekhukhune umdlalo waphela ngo 4-1.

Umdlali obekwiSpurs kodwa obedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiBabina Noko, uSonwabile Mfecane, uthe inhloso abasuke nayo ePolokwane beya eKapa ifezekile.

“Ngizizwa ngihloniphekile ngokudlala umdlalo wami wokuqala namuhla. Yize ngingadlalanga isikhathi eside njengokufisa kwami kodwa kuyinto engijabulisa kakhulu.

“Ngijabule nangokuthi sithole amaphuzu amathathu futhi ozakwethu bawasebenzele kanzima. Manje sesibheke umdlalo olandelayo futhi inhloso iseyodwa, wukuwola wonke amaphuzu,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-21.

I-Urban Warriors isahlezi emsileni kwilogi yesigaba sokuqala kanti isaqoqe amaphuzu ayishumi kuphela emidlalweni angu-12.

Ngakokunye uhlangothi, iSekhukhune iqinisekisile ukuthi iRichards Bay ayiyidluli ngale wini. La maqembu ayalingana ngamaphuzu kodwa iBabina Noko iphezulu ngenxa yesibalo samagoli.

Imiphumela yangempelasonto: Cape United 0 Pretoria Callies 0; University of Pretoria 0 CT All Stars 1; Uthongathi FC 1 Royal AM 3; FS Stars 1 Richards Bay 2; JDR Stars 2 Steenberg United 1; CT Spurs 1 Sekhukhune 4; Bizana Pondo Chiefs 2 Jomo Cosmos 1; Polokwane City 0 TS Sporting 0.

Imidlalo

NgoLwesibili: CT All Stars v Sekhukhune; Pretoria Callies v CT Spurs; Richards Bay v Cape United

NgoLwesithathu: Royal AM v Pondo Chiefs; TS Sporting v FS Stars; Uthongathi v Polokwane City; Cosmos v JDR Stars; Steenberg v University of Pretoria.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *