Igqemeke engeqiwa ntwala iSundowns ngoShalulile

UManqoba Mngqithi

MTHOKOZISI MNCUSENI
Ukubalisa komqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ngesigwebo samakhadi sikaPeter Shalulile ozokweqiwa umdlalo weligi kukhomba ukuthi mhlawumbe akulona iqiniso ukuthi akekho umdlali isikimu okungesakhe kwiDowns.
Sekuyinto efana nesiko ukuthi kwiSundowns akekho umdlali ozenzelayo ejezini ngoba leli qembu libophele wonke ukhilimu wabadlali ongabacabanga.
Nokho ukukhala kukaMngqithi ngoShalulile othole ikhadi lakhe lesine eliphuzi kule sizini okumkhahlelela ngaphandle komdlalo olandelayo weSundowns, ezobhekana kuwo neBlack Leopards eLoftus Versveld ngeSonto, kuvula isahluko esingaziwa ngaleli qembu.
Kulo mdlalo athole kuwo ikhadi eliphuzi lesine, iSundowns igcine inqoba nqoba ngo 2-1 kwiStellenbosch FC eKapa ngegoli lakhe uShalulile alishaye ngomzuzu wokugcina.
Yebo lo mqeqeshi ukushilo ukuthi lesi sigwebo sivulela ithuba oMauricio Affonso noSibusiso Vilakazi ababuya ekulimaleni kodwa ukungabibikho kwalo mgadli waseNamibia kushiya iqembu lakhe lizacile.
“Ngaphambi kokuthi sikhulume okuningi, angikholwa ukuthi leli khadi alithola lifanele ngoba uyena owayedlaliswe kabi.
“Kufana nokuthi sishaywe udume lwengozi ikakhulukazi uma ubheka ukuthi unikelwani ikhadi eliphuzi.
“Sekuyinto eqala ukujwayeleka vele kuleli ukuthi umuntu athole ikhadi agcine engazanga ukuthi elani. Nakimina kusanda kwenzeka lokhu,” kubalisa lo mqeqeshi.
Uqhube wathi: “Kungcono kodwa ngoba uzokweqiwa umdlalo owodwa neLeopards. Kunezikhathi lapho ebengimsabela khona ngithi uzothola ikhadi lesibili.
“Kuzoba nzima ukuya kwiLeopards ngaphandle kukaShalulile ngoba kulezi zinsuku ufana nomshini wethu wamagoli,” kusho uMgqithi okhale nangokulinyalelwa uKermit Erasmus.
Kusukela efikile uShalulile kwiSundowns esuka kwiHighlands Park useshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni yeligi wakha amanye amahlanu emidlalweni engu-16 nje kuphela.
NakwiCAF Champions League uShalulile useshayele iSundowns amagoli amathathu waphinda isibalo esifanayo nakwiNedbank Cup.
Ngaphandle kwalaba ababuya ekulimaleni uMngqithi uthe nabadlali abafana noKeletso Makgalwa bakhona ukuvala isikhala.
“Bakhona baningi abangasivala isikhala sikaShalulile samagoli kulo mdlalo. Kusukela koThemba (Zwane) kuya koLebohang (Maboe) bonke bayayazi inethi la ingakhona,” kusho uMngqithi.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.