Igqilazwe yingcwenga yegoli likaTyson iPirates ilahla amaphuzu

UThulani Hlatshwayo

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer ukhale ngokuthi bagqilazwe yigoli elibe ngumkhonto ogwaze ekhaya likaThulani Hlatshwayo bagcina bengakwazanga ukuphuma namaphuzu agcwele njengoba bebambane neSwallows FC ngo 1-1 ngoMgqibelo kusihlwa.

IPirates iwuqale kabi lo mdlalo weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium njengoba kuthe ngomzuzu ka-14 uThulani “Tyson” Hlatshwayo wenza izimanga engqofela enethini yangakubo ibhola ebeligotshwe nguVuyo Mere.

Okuxake kakhulu ngaleli goli yindlela enobuchule obebungenza ngisho uCristiano Ronaldo aziqhenye alishaye ngayo uTyson, okwenze kwabukeka sengathi ubevele ekora.

UZinnbauer uthi ngemuva kwalokhu iSwallows ibe seyigqisha emuva ivala zonke izintuba ukuze bangakwazi ukubuyela emdlalweni.

“Bekunzima,” kusho lo mqeqeshi odabuka eGermany ngemuva komdlalo. “Ukuhlasela kokuqala nje kwezitha kuphethe ngegoli elidle ekhaya.

“Kube sekuba nzima ukubuya ngoba bese bevale thaqa emuva esiwombeni sokuqala. Kodwa sizamile.

“Kunebhola elishayise epalini kanti siwakhile namanye amathuba ebesingakora ngawo esiwombeni sokuqala,” kuso uZinnbauer.

Esiwombeni sesibili iBucs ike yazama iqhinga lokudoba iSwallows ukuthi osuke emuva ngokuthi nayo iwuqale emuva umdlalo bese izama ukuhlasela ngokuzuma.

Igoli ligcine livelile ngomzuzu ka-75 uTshegofatso Mabasa engqofela phakathi ibhola abeligitshelwe nguWayde Jooste abebengene naye besuka ebhentshini ngesiwombe sesibili.

“Esiwombeni sesibili bese sibawalula, kuyithi esiphethe umdlalo. Ngiyavuma nabo bake bazama ukusizuma, kodwa yinto ewayelekile leyo uma wena uphume inqina yokufuna igoli.

“Ugxila ekuhlaseleni bese kuba nezikhadlana ezibulekayo emuva. Silitholile elokullinganisa kodwa saqhubeka nokuhlasela.

“Besifuna elinye. Siwakhile amanye amathuba amaningi ebesingalithola ngawo igoli. Yingakho ngingathi angijabule.

“Indlela esidlale ngayo beyiyinhle kakhulu kodwa umphumela awukuvezi lokho. Kufanele uthole amaphuzu aphelele uma udlale kanjeya,” kuchaza uZinnbauer.

Uthe le ndlela abadlale ngayo yiyona abayifunayo futhi okumele bayibambe bengabe besayiyeka ukuya phambili.

“Yilokhu esikufunayo manje. Ukudlalela phambili, ulawule umdlalo engxenyeni yesitha bese wakha amathuba okushaya amagoli.
“Yilokho leli qembu elikwazi ukwenza. Abadlali bebengakhathele. Bebefuna ukuya phambili beyofuna igoli lokuwina. Futhi uma udlale kanje kufanele uthole amaphuzu aphelele,” kuphetha uZinnbauer.

Lo mphumela ushiye iPirates endaweni yesine ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-23 kanti sekuthanda ukuqansa kuyo njengoba inesifiso sokuqeda okungenani endaweni yesibili ukuze iyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

Isalele emuva ngamaphuzu amahlanu kuMaZulu FC asendaweni yesibili kanti ayisikhombisa aphakathi kwabo neMamelodi Sundowns eseqhulwini.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.