Igxobeke obhozo iSharks ‘iphucwa’ amaphuzu kwi-Currie Cup

Igxobeke obhozo iSharks 'iphucwa' amaphuzu kwi-Currie Cup
UPepsi Buthelezi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICell C Sharks igqemeke engeqiwa yintwala ngokutholakala kwabadlali bayo beneCoronavirus ngaphambi komdlalo obalulekile weCarling Currie Cup.

Leli qembu laseThekwini belizobhekana neNew Nation Pumas emdlalweni weCarling Currie Cup, ngoLwesithathu kodwa lo mdlalo ngeke usaba khona.

Ngokwemithetho yomqhudelwano (iCarling Currie Cup), iPumas izonikwa amaphuzu amane, bese umdlalo kuthathwe ngokuthi uphele ngo 0-0.

Lokhu kuzoyiphazamisa kakhulu iSharks okumanje iseqhulwini kwilogi yeCurrie Cup. Umdlalo phakathi kweVodacom Bulls neTafel Lager Griquas ngoLwesithathu, eLoftus Stadium, iwona ozoshintsha izinto esicongweni.

IBulls isendaweni yesibili kwilogi, kanti isele ngephuzu elilodwa kuphela kwiSharks. Ukuwina kweBulls ngoLwesithathu kuzosho ukugudluza iSharks esicongweni.

Ngakolunye uhlangothi amaHiligwa asele ngamaphuzu amane kwiSharks. Ukuwina umdlalo kungayibeka esicongweni iGriquas yize ingabe ilingana ngamaphuzu neSharks.

Umdlalo wangoLwesithathu uzoyenza ibe ngcono iGriquas ngokwamaphuzu. Ngaphezu kwalokho ingazenzela izinto zibe lula ngokuwina ngephuzu lebhonasi, ihlale ngokukhululeka esicongweni.

Komunye umdlalo weCurrie Cup, iToyota Cheetahs izobhekana neSigma Lions eToyota Stadium, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.

Akuhambi kahle neze kwiCheetahs njengoba iyibambe emsileni kwilogi yeCurrie Cup.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.