Igxume yakhipha iChiefs kwiTop 8 iBaroka ikhonya kowomkhaya baseLimpopo

U-Ovidy Karuru weBlack Leopards

OKADONGA GUMBI

Kube yiBaroka egcina ikhonya emdlalweni weDStv Premiership obuqhathe omkhaya ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama, ishaya iBlack Leopards ngo 2-1.

Le wini ithathe iBakgaga yayifaka kwiTop 8 ngokududulela iKaizer Chiefs endaweni yesishiyagalolunye. Amakhosi abesenamahora ambalwa engenile kwiTop 8 ngokudlala ngokulingana neSuperSport United ngawo uMgqibelo.

Zikukhombise zisuka nje ukungesabani lezi zinkunzi zaseLimpopo njegoba bezihubhana udede. Kodwa alikho elakhe amathuba acacile okushaya amagoli.

Nokho iLidoda Duvha icishe yalithola ngomzuzu ka-19, kodwa ibhola elihle likaRodney Ramagalela abelikhahlele ekude laphuma eceleni. Avelile amanye amathuba kodwa abengacacile ngokwenele ukuthi kungakhona ongamsola ngokuwamosha.

ILeopards iyona ebiphethe umdlalo esiwombeni sokuqala, kodwa neBakgaga beyinazo iziqubu zokuhlasela ebingazisebenzisa ukuthola igoli.

Ibuye seyingcono iBaroka ngesiwombe sesibili futhi akuyithathanga isikhathi eside ukuthi ithole igoli. Libe yinhanhla nokho elokuqala njengoba isitobha seLeopards, uKenneth Ntatheni kiyisona esilibeke enethini yangakubo ngephutha.

Ubethi uyalivimba ibhola ebelithunyelwe nguGoodman Mosele ekude, kodwa lajika layodla ekhaya ngomzuzu ka-61. Emizuzwini emihlanu ukusuka lapho, iBakgaga ishaye elesibili.

Bekukade kuhlasela iLidoda Duvha ifuna igoli lokulinganisa, u-Oscarine Masuluke waphuma waxosha umhlola ekhaya ibhola lavele layohlala phambi kukaJoslin Kamatuka.

Lommgadli waseNamibia ube eseqaqa ngejubane waze wayoliphambanisa nonozinti weLeopards, uRotsnidzwa Muleka obethi uyaphuma ezama ukumvimba.

Lokhu kwenze kwacaca ukuthi sekuyibhedele iLeopards njengoba yona beyingakwazi ukugqekeza udonga lwasemuva lweBaroka uma behlasela.

Nokho igcine ikwazile ukulithola igoli, uNtatheni uqhamuke ngemuva kwezitobha zeBaroka walingqofela enethini ibhola obekuyikhona egotshwe nguTumelo Kgutlang sekusele imizuzu eyisishiyagalombili kuphele umdlalo.

Izamile ukuthola elesibili iLeopards kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. ILeopards isahleli emsileni kanti inamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo engu-15.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.