IHarry Gwala Marathon iphethe izinkakha zabasubathi

UJanet Mbhele

 

Alfred Ngubane

IHarry Gwala Marathon izoba yindlela yokugcina kubasubathi abafuna ukungenela umjaho omkhulu ezwenikazi i-Afrika, iComrades Marathon .

Lo mjaho uzogumba unyaka wesikhombisa wasungulwa. Usuqede iminyaka emibili ungekho ngenxa yokhuvethe obeludlangile emhlabeni jikelele.

Abasubathi abaningi abanamagama amakhulu emhlabeni, baqhamuka ngaphansi kwalo mkhandlu. Kulaba singabala ingwenya uWillie Mtolo, owanqoba iNew York Marathon, wangena kabili endaweni yesibili kwiComrades Marathon.

Kukhona noBongmusa Mthembu, onqobe Comrade Marathon amahlandla amathathu neTwo Oceans kanye, uThobani Chakwe, onqobe Mandela Marathon neHarry Gwala Marathon.

Akasali uNdumiso Sokhela ongumsubathi osafufusayo, oze ngamandla kakhulu njengoba eseke wayinqoba iHarry Gwala Marathon. UJanet Mbhele osenqobe iHarry Gwala Marathon 10km ne-21km Best of Marathon, iZululand Marathon 21km, naye uphuma lapha.

Kulo mjaho kulindeleke ukuthi babe khona oMthembu, Chakwe noNkosikhona Mhlakwana, osanda kungena endaweni yesibili kwiTwo Oceans Marathon .

Abasubathi abahlale beyingozi kakhulu kulo mjaho abaphuma emazweni angomakhelwane, afana neLesotho kanjalo neZimbabwe. Laba basubathi bayabazi abasubathi abaningi balapha eNingizimu Afrika ngoba basuke bephuma kwiTwo Oceans Marathon, besemalungiselweni eComrades Marathon.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *