IHLAZO!: iBafana ayiyi kwi-AFCON

UBen Motswari

OKADONGA GUMBI
Iphinde yangena ehlazweni ebholeni lamazwe ngamazwe iNingizimu Afrika iqembu lesizwe, iBafana Bafana isala ngaphandle emaqenjini azolwela isicoco sasezwenikazi kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.
Lokhu kulandela ukuba iBafana ithole isibhaxu sika 2-0 kwiSudan ngeSonto ebusuku emdlalweni ebidinga ukudlala ngokulingana kuwo ukuze ingene kwi-AFCON. Akukhona ke nokho okokuqala iBafana ifaka isizwe kuleli hlazo.
Izinto zisheshe zabhimba kwiBafana ingenelwa yigoli ngomzuzu wesihlanu umdlalo uqalile. USaifeldin Bakhit nguye othwese ezikaMolefi Ntseki uthayela kunomoya.
Nokho kubukeke izosheshe isikhokhe lesi sikweletu iBafana njengoba beyineminyakazo emihle yokuhlasela, kodwa beyiwamosha ke amathuba.
Kuthe kusenjalo, kubukeka kuza kahle futhi kungathi izolithola elokulinganisa, senyuka iskweletu u-Abdel Raman elibeka enethini Kuba ngu 2-0 ngomzuzu ka-30.
Ubethi uyasinciphisa iskweletu uPercy Tau ngomzuzu ka-45, kodwa unozinti walichitha ibhola lakhe abelikhahlele engaphakathi ebhokisini leSudan.
Esiwombeni sesibili, iSudan ibuye seyidlala kangcono kakhulu futhi seyizethemba noma iphethe ibhola, ikhombisa ukuthi isekhaya.
Iwakhile amathuba futhi kucaca ukuthi iyalifuna elinye igoli ebelizovele liyikhiphe inkanyana ebisasele iBafana.
URaman icishe walithola ngomzuzu ka-69, edonsa ishodi engaphandle kancane nje kwebhokisi likaRonwen Williams, kodwa ibhola lakhe laceza kancane eceleni kwepali.
Ngomzuzu ka-72, iBafana incishwe iphenathi uLyle Foster ewiswa ngaphakathi ebhokisini leSudan, unompempe wathi akenziwanga lutho, uyaziwisa. UBen Motswari ubethi uyamntshontsha unozinti weSudan ngomzuzu ka-74, kodwa ibhola lakhe alithumele engaphandle kwebhokisi laphuma phezu kwepali.
UThapelo Morena uzithole ephanbi kwepali, esele nonozinti kuphela ngomzuzu ka-75, kodwa bamgeza njengoba unozinti evuke nalo ibhola lakhe.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.