Ihlazo iChiefs iphendulwa ompushana koweCAF

UKearyn Baccus weKaizer Chiefs noYahya El Idrisi weWydad Athletic

OKADONGA GUMBI

Kube ngumdlalo cishe wonke umuntu osendelene neKaizer Chiefs waswela umgodi wokucasha njengoba ithelwe ngehlazo luka 4-0 yiWydad Athletic emdlalweni weCAF Champions League e-August 4 Stadium, e-Ouagadougou eBurkina Faso ngeSonto kusihlwa.

Kuvele kwawabheda zisuka nje Amakhosi, u-Itumeleng Khune evimba ibhola esevele engaphakathi komugqa wegoli, kwaba ihamba phambili njalo iWydad.

Nokho leli goli libe nokusolisa ukuthi bekumele lingabalwa ngenxa yokuhi mdlali obeligobe kwesokunxele obebonakala esemdaeni engamfanele ngamphambi kokuthi uMohammed Ounnajem alinamathisele enethini.

Amakhosi awazange ajabhe ngemuva kwaleli goli kodwa aqhubekile nokuzama ukubuya, ehlanganisa iminyakazo yokuhlasela kodwa ahluleke ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

Kuthe sekubhekwe ekhefini, yabuya iWydad yashaya elesibili elishaywe ngu-Ayoub El Kaabi lathanda ukuba yinxeba elinzinyana kuMakhosi.

Azamile ukuqhubeka nokufuna indlela yokubuya kulo mdlalo Amakhosi kodwa aze acishe akora ngomzuzu ka-60, kodwa unozonti weWydad, u-Ahmoud Tagnouti walichitha selibaliwe ibhola ebelingqofwe nguKearyn Baccus.

Ukuhluleka ukuthola izimbobo odongeni lwasemuva lweWydad kubonakale sekuzwela kubadlali beChiefs abese bephakanyelwe nayimimoya.

IWydad icishe kwaba yiyo ephinda elinye igoli ngomzuzu ka-83, kodwa uKhune walivimba ibhola lika-Ibrahim Comara.

Nokho uComara ubuyile ngemuva kwemizuzu emibili, wathatha ibhola waleqisa phezu kukaKhune obezama ukuphuma ayomvimba, kwaba ngu 3-0.

Izinto zivele zabheda kakhulu ekugcineni uRamahlwe Mphahlele kuthiwa ubambe ibhola engaphakathi ebhokisini, kwabekwa iphenathi, wayiqulela phakathi uYahya Jabrane.

UMphahlele ube esenikwa ikhadi eliphuzi obese kungelesibili, wakhishwa kanjalo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.