Ihlazo kumiswa umdlalo wePSL ngokufana kwamajezi

Ihlazo kumiswa umdlalo wePSL ngokufana kwamajezi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ingene ehlazweni iPremier Soccer League (PSL) ngesikhathi umdlalo phakathi kwaMaZulu FC neMarumo Gallants ngenxa yokuxabana kwemibala yamajezi.

Lo mdlalo weDStv Premiership uqale ngo-3.30 ntambama eKing Zwelithini Stadium eMlaza wamiswa kusaphele imizuzu eyishumi kuphela uqalile.

Umiswe ngunompempe obewuphethe uChristopher Kistoor. Kuke kwaba nokuxakeka ukuthi umdlalo umiswelani.

Kuze kwalamula intatheli yakwaSuperSport esondele kuKistoor ekhuluma noXolani Hlatshwayo obeyi-match commissioner kulo mdlalo.

UKistoor uzwakale ethi: “Abasizi bakanompempe ngeke bakwazi ukubona uma umdlali eyi-offside ngenxa yokufana kwemibala yamajezi.”

Kucacile nokho ukuthi iGallants ibingenalo elinye ijezi ngesikhathi kuhamba isikhathi abadlali besenkundleni.

Kuvelile futhi ukuthi uBenni McCarthy, oqeqesha Usuthu, nabanye kuleli qembu bebengazimisele ngokushintsha ijezi labo lasekhaya.

Empeleni Usuthu belungenaso isibopho sokushintsha ijezi njengeqembu lasekhaya.

Ngasohlangothini lweGallants, bekumele ifike nejezi elingashayisani neloSuthu noma iphathe elinye ukwenzela ukuthi uma kuba nesimo esifana nalesi esivelile bakwazi ukulisebenzisa.

Isikhulu esiphatha ijezi isona esibhekana nalo msebenzi futhi kumele sazi ukuthi iqembu okuyodlalwa nalo ligqoka imibala enjani.

FUNDA NALA: UBarker uveza icebo ashaye ngalo iChiefs

Okunye okushiya imibuzo ukuthi ngabe awubanga khona yini umhlangano obanjwa ngaphambi komdlalo ukuze kuxazululwe le nkinga kungakayiwa ngisho enkundleni?

Ngesikhathii kumiwe kuvele ukuthi kukhona obeshayela ucingo iPSL ebuza ukuthi kumele kwenziwe njani.

Nokho ngemuva kwemizuzu embalwa kumiwe unompempe uKistoor uphoqelekile ukuthi awumise umdlalo.

Nakanjani kukhona ozongena enkingeni aphinde ayochazela iPSL ukuthi kufikwe kanjani kuleli hlazo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.