Ihlehliswe yimvula eyokuqukula eseligi kwiSundowns

Sihle Ndlovu

Imvula eliyishaya lingami eThekwini iphoqe ukuthi kumiswe umdlalo weDStv Premiership phakathi kweRoyal AM neMamelodi Sundowns, eChatsworth Stadium.

Bese kungumzuzu ka-24 ngesikhathi unompempe ethatha isinqumo sokuthi umdlalo imiswe ngenxa yokuthi bekungadlaleki nhlobo enkundleni.

Amaqembu abehluleka ukuphaselana kahle ibhola kanti bekunengozi yokuthi abadlali bangalimala. Vele umdlalo uqale kungadlaleki ngakho akumangazanga ngesikhathi unompempe ethi umdlalo awume.

Kwayena unompempe ubebukeka ekuthola kunzima ukubona kahle enkundleni ngenxa yokuthi imvula ibihambisana nomoya.

I-match commissioner uMorne Daniels, uthe iPremier Soccer League (PSL) kuzomele inqume ukuthi umdlalo uzodlalwa nini.

“Sithathe isinqumo sokumisa umdlalo ngenxa yamanzi enkundleni. Sizokushiyela kwiPSL ukuthi izothi awudlalwe nini. Engingakuqinisekisa ukuthi umdlalo uzoqalwa phansi,” kusho uDaniels.

ISundowns kumele idlale umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo. NgoLwesibili iRoyal AM kumele idlale ne-Orlando Pirates emdlalweni owawuhlehlisiwe.

ISundowns kuzomele ihlehlise ukujabulela ukuba ngompetha njengoba bekumele inikwe ngokusemthethweni indebe yeDStv Premiership.

Nasemdlalweni waMaZulu FC neLamontville Golden Arrows kwenzeke into efana ncamashi umdlalo umiswa ngenxa yayo imvula.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.