Ihlikihle usawoti esilondeli sisopha iGhana FA ngolweBafana

Ulwazi olusha ngesikhalo seSafa ngonompempe waseSenegal
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Isivele yahlikihla usawoti esilondeni sisopha iGhana Football Assiciation (GFA) ikhombisa indelelo esitatimendeni esikhiphe ngoLwesine.

I-GFA ikhombise ukuqhuba intwala ngewisa kuphela kulesi sitatimende mayelana nomdlalo osematheni obuphakathi kweNingizimu Afrika neGhana ngeSonto.

Into ekhulumise kakhulu kulo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, yiphenathi engacacile enikwe iGhana nezinye izinqumo zikanompempe ebezicindezela iBafana Bafana.

NgoLwesine iGFA iphawulile ngalolu daba yathi ukufaka isikhalazo kweSafa kuhambisana ‘nenqwaba yamanga’.

“I-GFA icela ukuthi iSafa ikwamukele ukushaywa bese ikhombisa inhlonipho kwiBlack Stars ngekuzuze enkundleni.

“Akukona okokuqala iGhana ishaya iNingizimu Afrika futhi ngeke kube okokugcina,” kusho isitatimende.

“Empeleni bonke abantu baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi iBlack Stars ilidlala kanjani ibhola, nokuyisizathu sokuthi leli qembu linabalandeli khona eNingizimu Afrika.

“I-GFA izoqhubeka nokuhlonipha isithunzi sebhola iphinde ilinike isithunzi esifanele nasemhlabeni wonke.

“I-GFA ifisa ukusho ukuthi siyohlale senza izinto ngokwemithetho yeFifa.

“Sesibeke imiqondo emdlalweni wethu olandelayo wokuhlunga nanoma yiliphi iqembu esingase siqhathwe nalo kulawa adlulele phambili.

FUNDA NALA: IChiefs isikaza ukubolekisa ngoMashiane ukuze ithole uMaart

“Njengesizwe esizithandayo ezemidlalo, siyazi ukuthi iBafana Bafana yenze konke okusemandleni kodwa yehlulwa yiqembu elingcono.

“Lokhu kumele ikutshele bonke abantu baseNingizimu Afrika ingalokhu igwegwesa.

“Siyifisela inhlanhla iBafana Bafana futhi sithi kozakwethu abakwiSafa babe nenhlanhla engcono ngokuzayo.”

Udaba lusezithebeni zeFifa manje ekuqinisekisile ukuthi sifikile isimangalo sivela kwiSafa.

Akwaziwa noma nayo iGhana izoyidinga yini inhlanhla kulolu phenyo ngoba iSafa iyazethemba ukuthi inakho okubambekayo okungenza ukuthi umdlalo uphindwe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *