Ihlikihle usawoti esilondeni iRoyal AM ishiya iGalaxy obishini

Ihlikihle usawoti esilondeni iRoyal AM ishiya iGalaxy obishini
Alfred Ngubane

Kuphinde kwasala kuduma upitiyane kwiTS Galaxy njengoba ithole isibhaxu esinzima kwiRoyal AM esiyandisele izinkinga njengoba izama ukuqeda ishobolo lemiphumela emibi esiyibeke engcupheni yezembe.

Ukuhlulwa kweGalaxy, eshaywe ngo 4-1 eMbombela Stadium ngoMgqibelo ntambama, kusho ukuthi kungaphela le mpelasonto seyisemsileni kwilogi yeDStv Premiership.

Lokhu kungenzeka uma iBaroka FC ingayishaya iCape Town City egadulisana nayo ngeSonto ntambama eKapa.

Izinkinga zeTS Galaxy ziqale ngomzuzu ka-25 ngesikhathi uVictor Letsoalo engqofela enethini ibhola abeligotshelwe uZukile Mkhize.

Emizuzwini eyisithupha ukusuka lapho, ubuyile futhi uLetsoalo washaya elesibili elenze kwasinda kwehlela kwiGAlaxy nayo ebizama ukubuya kulo mdlalo.

FUNDA NALA: ISundowns izihubuzele isobho kwi-El Mereikh 

Imizamo yayo ugcine ithelile ngomzuzu ka-45 u-Augustine Kwem ebekelwa iphenathi kulandela ukuwiswa kwakhe ebhokisini lezikaMaMkhize.

Usukume lapho wabe eselinamathisela enethini, abuya amathemba okuthi leli qembu likaTim Sukazi lisangathola noma iphuzu okungenani kulo mdlalo.

Nokho kubuye kwashuba, kwacaca ukuthi ishobolo liyilandele iGalaxy ngomzuzu ka-63 uNdumiso Mabena ekora kade kuyibhola elibekwe phansi.

Kuthe sekusesikhathini esengeziwe, uMfundo Thikazi washayela isipikili sokugcina esuka ebhentshini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.