Ihlome nangabafana abancane abathembisayo iDolphins

UThando Ntini

ALFRED NGUBANE

Iqembu laKwaZulu-Natal lekhilikithi, iHollywoodbets Dolphins limemezele uhlu labadlali elizodlala ngabo kwisizini ka-2021/22, laphinda lakhuphula abadlali abathathu abaqhamuka enkulisa yalo iDolphins Academy.

Phakathi kobuso obusha obuzobonakala kwiDolphins singabala ukaputeni weqembu lesizwe labanemnyaka engu-19, uBryce Parson, Thando Ntini, naye oke wadlala eqenjini lesizwe noThamsanqa Khumalo obuya kwiKZN Coastal.

Baphinde balanda no baJason Smith kwiCape Cobras. Kubadlali abahlukane naleli qembu singabala oSenuran Muthusamy, Mangaliso Mosehle, Keith Dudgeon, Andile Mogakane noRob Frylinck yena osethathe umhlala phansi.

Umqeqeshi waleli qembu, u-Imraan Khan uthe uyabadinga laba badlali, yize ethi basazodinga isikhathi ukuze bafike ezingeni elifanele.
“Basadinga ukuba sibapholishe kahle, kodwa banekusasa elihle kakhulu, kanti uBryce Parasons ungukaputeni emazingeni aphansi, sibheke lukhulu kuye.

“UThando Ntini udlale kahle sibhekene neTitans kuhle ukumbona ekhula. UJason Smith udlale kahle eshwiba amabhola kahle kanti nakuye silindele ukuthi angene athi khaxa eqenjini. UKhumalo ungomunye wabadlali ababhekiwe kakhulu KwaZulu-Natal,” kusho uKhan.

Uphethe ngokuthi kuyamthokozisa ukubophela iqembu eliqinile, futhi sebebheke isizini entsha. Bazoqala ukuzilungiselela khona maduze.

Isikhulu esiphezulu kwiKZN Cricket, uHeinrich Strydom uthi bahlabeke umxhwele ngeqembu labo nelibophele abadlali abasha nabasebancane.

Uphinde wabongela laba badlali abasebancabe ngokuthola indawo eqenjini elikhulu leDolphins.

Selilonke iqembu limi kanje: Marques Ackerman, Ottneil Baartman, Eathan Bosch, Ruan De Swardt, Daryn Dupavillon, SJ Erwee, Thamsanqa Khumalo, Kerwin Mungroo, Lifa Ntanzi, Thando Ntini, Bryce Parson, Jason Smith, Keagen Petersen, Grant Roelofsen, Prenelan Subrayen, Khaya Zondo (ukaputeni).

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.