Ihlome ngezihlabani zodwa i-Italy kaMancini

Ihlome ngezihlabani zodwa i-Italy kaMancini
UMatteo Pessina
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weqembu lesizwe lase-Italy, uRoberto Mancini ujabule ngendlela abafana bakhe abakhombisa ngayo ukuzimisela yize enze izinguquko eziningi emdlalweni wabo neWales ngeSonto ebusuku.

I-Azzurri ingene ngesitayela esigabeni somkhumulajezi kwi-Euro 2020 njengoba isayonqobe yomithathu imidlalo yayo esigaben samaqoqo. Ishaye amagoli ayisikhombisa kanti ayikangenelwa goli idlala neTurkey, Switzerland neWales.

Umdlali wasesiswini we-Atalanta, uMatteo Pessina, ojoyine isikwati se-Italy se-Euro 2020 ekugcineni evala isikhala sikaStefano Sensi olimele.

Nguyena oshaye igoli le-Azzurri ngeSonto behlula iWales ngo1-0 okukhombisa ukuqina kwesikwati sikaMancini. Lo mqeqeshi wenze izinguquko eziyisishiyagalombili esikimini sakhe, eshintsha iqembu anqobe imidlalo emibili ye-Euro 2020 ngembudlu yamagoli.

“Kuyangijabulisa ngempela ukuthi sicishe sashintsha isikimu sonke, kodwa sidlale kahle,” kusho uMancini esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo.

“Kusifanele ukuqhulula amagoli amaningi. Kodwa namuhla (ngeSonto) bekungekho lula ngoba iWales beyiqinile emuva.

Konke lokhu kuyangijabulisa ngoba abadlali bami bazame kakhulu ukugqobhoza udonga lweWales, badlale kahle kakhulu.”

Ngo-1935 kuyaku-1939, i-Italy isaqeqeshwa nguVittorio Pozzo yadlala imidlalo ewu-30 ilandelana ingehlulwa, kanti manje ezikaMancini aziyazi induku ngemuva kwemidlalo efanayo. Seyinqobe imidlalo ewu-25, yadlala ngokulingana kwemihlanu. Yagcina ukuhlulwa yiPortugal ngoSepthemba ka-2018.

UMancini uthi ukushintshashintsha abadlali abaqala imidlalo angakwenza noma edlala umdlalo ozonquma ngekusasa labo kule ndebe ngoba unabadlali abonohlonze bodwa.

Uthi ufuna ukubona iqembu lakhe liqinile ngaso sonke isikhathi. “Abadlali bami abaningi bakujwayele ukudlala imidlalo emikhulu, kungangifikisela ngamahloni ukuthi ngibashiye ngaphandle.

“Yingakho nje ngizama ukubasebenzisa bonke okuyinto ebaluleke kakhulu.” UManuel Locatelli, owashaya amagoli amabili ngesikhathi i-Italy inenebula iSwitzerland ngo 3-0 ube ngomunye wabadlali abaqale umdlalo ngeSonto ebhentshini njengoba uMancini ekhethe ukuqala umdlalo ngesihlabani seParis Saint-Germain uMarco Verratti.

“Ngicabanga ukuthi kungcono ukuba nabo bobabili kubadlali ozokhetha kubo, ngeshwa oyedwa phakathi kwalezi zihlabani zombili kufanele aqale ebhentshini,” kusho uMancini.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “Ihlome ngezihlabani zodwa i-Italy kaMancini”

Leave a Reply

Your email address will not be published.