Ihlose izindondo zegolide ezintathu kwiComrades ikilabhu entsha

Ihlose izindondo zegolide ezintathu kwiComrades ikilabhu entsha
UMakhosi Mhlongo
Alfred Ngubane

Kuyacaca ukuthi ukusungulwa kweHollywoodbets Athletics Club kwenzelwe ukubeka ezokusubatha kuleli ezingeni eliphezulu ngempela.

Lokhu kuvele engxoxweni yeMpempe nosihlalo wale kilabhu uMorgan Shandu othi balangazelele ukuthola amagolide amathathu kwiComrades Marathon.

Kuzobe kungokokuqala abagijimi abangaphansi kwale kilabhu eseyintsha begijima lo mjaho omkhulukazi kuleli.

Indlela abazimisele ngayo ngokwenza kahle kwiComrades, uShandu uthi abasubathi bakhe abasavumelekile ukugijima kweminye imijaho ngaphambi kwalona.

“Sifuna bagxile ekutheni bazilungiselele iComrades njengoba sifuna ukwethula igama lethu kwezokusubatha kwazise wunyaka wokuqala iHollywoodbets Athletic Club izogijima lo mjaho.

“Sizobe sincintisana namakilabhu amakhulu futhi asenamava kulolu hlobo lwemijaho kodwa sifuna ukukhombisa ukuthi asizele ukuzosinisa amahleza kule ndima,” kusho uShandu.

FUNDA NALA: Unozinti uziphele umlando kuMaZulu FC

Abasubathi iHollywoodsbets ethembele kubo kwiComrades singabala o-Anna Ashwin, Mahlomula Sekhonyane, Prodigal Khumalo, noNkosikhona Mhlakwana.

Bonke laba sebenomlando omuhle kulo mjaho futhi bangabanye babavele babhekiwe ukuthi babe sezindaweni eziphambili kulo nyaka.

Bonke laba basubathi baphuma KwaZulu-Natal kanti benze kahle kwiTwo Oceans Marathon la iHollywoodbets ithole khona amagolide amathathu.

UShandu uphinde waveza ukuthi bazothumela uMakhosi Mhlongo ongomunye wabasubathi besimame abayizethenjwa kule nhlangano kwiHarry Gwala Marathon.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.