Ihlukile iPirates edlala kwiDStv Prem nedlala kwiCaf Confed: Davids

Ihlukile iPirates edlala kwiDStvPrem nedlala kwiCaf Confed: Davids
OkaDonga Gumbi

Iyabaxaka nabaqeqeshi oFadlu Davids noMandla Ncikazi ukuthi kungani i-Orlando Pirates edlala kwiDStv Premiership ihlukile kule evutha ingabaselwe kwiCaf Confederation Cup.

Kumanje asemancane kakhulu amathuba okuthi iPirates ingaqeda ezindaweni zokubuyeka emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo.

Ukubuyela emidlalweni yezwekazi iPirates kuzodingeka iqede endaweni yesibili noma yesithathu.

Kodwa ngemuva kokushaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 ngoMsombuluko, amathuba alokhu asenciphe kakhulu impela.

Nokho kwiConfederation Cup ihlukile njengoba kumanje isisesigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu futhi ingelinye labhekiwe ekutheni engasidla lesi sicoco.

Emidlalweni yamaqoqo yaqopha umlando ngokushaya amagoli okunawo wonke amaqembu kulesi sigaba selokhu waqala lo mqhudelwano.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wabo wangoMsombuluko, uDavids uthe ngeke asole abadlali ngoba bayazama kuyikho nje ukushoda kwenhlanhla kwesinye isikhathi.

“Besingena ebhokisini labo sibe baningi… uma lifika ibhola, belifica sikhona. Kodwa besingekho bukhali ngokufanele.

“Kumele ukwazi ukuthatha isinqumo esifanele ngalathuba owatholayo,” kusho lo mqeqeshi.

“Kuyasehlula lokho kwiPSL. KwiCaf Confederation Cup sinefomu enhle phambi kwepali futhi namagoli siyaziyamuzela nje.

FUNDA NALA: OweChiefs ufuna basebenzise amathuba ukugwema ihlazo lokuhlulwa njalo

“Ngeke usole abadlali ngalokhu, bazinikele ngakho konke kodwa inhlanhla beyingekho,”  kuchaza uDavids.

Njengoba seyisalelwe yimidlalo emithathu kwiligi, iPirates isenamaphuzu angu-40 kanti isele ngamahlanu kwiRoyal AM esendaweni yesibili.

UDavids uzwakale sengathi useyaliphonsa ithawula ekutheni bengayithola le ndawo yesibili noma yesithathu kule sizini.

“Besazi ukuthi kumele siyiwine yomine le midlalo ebisele ukuze sithole indawo kwiChampions League ngesizini ezayo.

“Namanye amaqembu (angaphezu kwethu) abengawini, kodwa bekulele kithi ukuthi sizibeke ethubeni. Akumele sithembele kwimiphumela yabanye.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.