Ihluleke ilwile iPirates ishaywa yi-Al Ittihad koweConfed Cup

Ihluleke ilwile iPirates ishaywa yi-Al Ittihad koweConfed Cup
UBandile Shandu
OkaDonga Gumbi

Akubanga wukwehluleka ukuzama kodwa mhlawumbe kube wukulahlwa yinhlanhla okwenze i-Orlando Pirates ibuye ilengise izandla eLibya.

Lokhu bekulandela ukuthi ithole induku ka 3-2 kwi-Al Ittihad emdlalweni weCaf Cofederation Cup esigabeni samaqoqo.

Ukulwa khona ikwenzile njengoba ibuye kade seyilandela ngemuva kwaze kwaba kabili. Kodwa kuthe uma seyilandela emuva okwesithathu yagcina ihlulekile ukubuya.

Izinto zisheshe zayibhimbela iPirates kulo mdlalo njengoba ingenelwe yigoli ngomzuzu ka-17 elishaywe nguSand Masaud kade kuyibhola elibekwe phansi.

IBucs ayizange yehlelwe umfutho ngemuva kwaleli goli kodwa iqhubekile izama futhi imizamo yayo ithelile ngomzuzu ka-26 uBandile Shandu eshaya elokulinganisa ngelihle ibhola alishaye engaphandle kwebokisi.

Nokho ibuye lapho yazumeka, yafika i-Al Ittihad yathola elesibili elishaywe ngu-Eisay Muad naye odedele ishodi engaphandle nje kancane kwebhokisi.

FUNDA NALA: ULakay uvule ngamagoli amabili eqenjini lakhe elisha

Nokho iPirates beyisiqalile ukulithunga kangcono ibhola futhi kucaca ukuthi ayililahlile ithemba yize seyidedele amagoli amabili.

Kuphinde kwabuya uShandu wayibuyisela emdlalweni ngegoli alishaye engaphansi kwepali kade kuyikhona izitibha ze-Al Ittihad ezihlulekile ukuyisusa ekhaya.

I-Al Ittihad iphinde yahamba phambili ngomzuzu ka-54 ngesikhathi u-Alkhja Omar ededela ishodi ekude nepali, kwasho ukuthi uMpontshane ubephumile epalini lakhe, lamudla.

Ngomzuzu ka-65 uMpontshane uligezile igama lakhe ngesikhathi evimba umdlali we-Al Ittihad obesebhekene naye sekusele aleqise nje kube yigoli lesine.

Osokhaya babe aebeqala ke bemosha isikhathi ngokuthi bawe njalo noma bazenze abashayiswe yiloli eliqoqa izibi uma beke bathinteka. Yingakho nje unozinti wabo ezewagcian ethola ikhandi eliphuzi ngenza yalokhu.

Yize ihluliwe kulo mdlalo, iPirates iyona esazihola phambili kuGroup B kodwa iyalingana ngamaphuzu amathathu ne-Al Ittihad.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.