Ihudula izinyawo iChiefs ngomdlali wayo ofunwa uthuli yiSwallows

Ihudula izinyawo iChiefs ngomdlali wayo ofunwa uthuli yiSwallows
UMoikhomotsi Thibedi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ISwallows ayizange ilokhu ihudula izinyawo ngesikhathi iKaizer Chiefs ifuna abadlali bayo abamqoka oNjabulo Ngcobo noKgaogelo Sekgota, yavuma yayidayisela.

Kodwa manje iChiefs yona ihudula izinyawo uma sekumele kube yiyo edelela iSwallows umdlali. Impempe seyithole ukuthi iDube Birds ifuna uMoikhomotsi Thibedi kwiChiefs.

Kodwa leli qembu laseNaturena kuthiwa limanqika ukumdedela lo mdlali yize engabonakali esezinhlelweni zabaqeqeshi kule sizini ezayo.

UThibedi ubevele ekwiSwallows kumasizini amabili edlule ebolekiswe kuyo. Udlale kahle futhi ubeyingxenye yeqembu eliqala imidlalo.

Yingakho umqeqeshi weSwallows, uBrandon Truter esenxenxe abaphathi ukuthi bakhulume neChiefs ukuthi ibadedelele yena.

Okwenza iChiefs ihudule izinyawo, ngokuthola kwethu wukuthi iZinyoni azisafuni ukumboleka kulokhu, kodwa zifuan ukumthenga ngokugcwele.

“Bekulindeleke ukuthi kuzophela impelasonto sekuvunyelwene futhi uThibedi esekwiSwallows ngokugcwele kodwa izingxoxo ngathi zisajame edamini okwamanje.

“IChiefs ngathi ifuna ukuphinde ibolekise kanti iSwallows seyinqume ukuthi ayifuni ukuboleka abadlali abaningi kulokhu ngoba uma kuphela isizini kuba yinkinga sebebuyela emuva.

“Seyikhathele wukucijela amanye amaqembu abadlali. Kodwa yona iyamdinga uThibedi futhi uma kuwukuthi abavumelani ngokudayiselana, ingagcina ivumile ukumboleka,” kusho umthombo osondelene nalamaqembu.

FUNDA NALA: UNange usebheke ukuzakhela igama kwiChiefs

Usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa, uke waphahluka kwiTwitter ngokuthi kukhona umdlali weChiefs abamzingelayo kodwa akangasho ukuthi ubani.

Uhlanyise abalandeli beSwallows nangesikhathi esefaka i-video kaDumisani Zuma enza izinto zakhe kwabonakala sengathi uyena lo abamlanda kwiChiefs.

“Cha akulona iqiniso. Akukho ngisho izingxoxo ngoZuma,” kusho umthombo weMpempe osondelene neSwallows. Kulindeleke ukuthi kucace kueli sonto ngokuthi iyamthola yini uThibedi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.