Ijabule ifile iChiefs ngemuva kokubhubhisa iPirates kwi-DDC

Ijabule ifile iChiefs ngemuva kokubhubhisa iPirates kwi-DDC
Abadlali benkulisa yeKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Iyivule ngegiya eliphezulu iKaizer Chiefs imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) njengoba iguqise izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo 3-0 ngempelasonto.

Amakhosi amancane alethe ukukhanya eNaturena njengoba iqembu elikhulu lona livuthululwe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 kwiDStv Premiership.

Umqeqeshi waleli qembu, uVela Khumalo oyiphini lika-Arthur Zwane enkulisa yeChiefs, uthe akagculisekanga ngendlela abadlale ngayo yize bewine kahle uma ubheka umphumela.

“Sidlale kahle. Sisebenzele phezu kweqhinga lethu. Nokho enye yezinto ebengifisa sizenze kulo mdlalo azenzekanga.

“Bengifuna siwulawule umdlalo ibhola libe ngakithi ngaso sonke isikhathi kodwa akwenzekanga kanjalo,” kusho uKhumalo.

“Kodwa akusenani ngoba bekungumdlalo wethu wokuqala. Kuningi vele esisazokulungisa ngokuqhubeka kwesikhathi.”

Njengoba bekungumdlalo wokuqala nje – imidlalo ye-DDC iqale ngempelasonto – uKhumalo uthi kuningi abazibekele khona futhi ujabule nezimpawu ezinhle azibonile.

“Sinakho esizibekele ukuthi sifuna ukukuzuza. Besithe sifuna ukushaya amagoli ngezikhathi ezithile kulo mdlalo.

“Sikwazile ukukwenza lokho ngokushaya amagoli asuse ingcindezi kithi kwazise asikafiki ezingeni elifanele ngokokulungela imidlalo.

“Mhlawumbe emdlalweni olandelayo kuzoba ngcono uma kuziwa ekulawuleni umdlalo,” kuchaza uKhumalo.

Igoli lokuqala leChiefs lishaywe ngu-Aden McCarthy oyindodana kaFabian McCarthy owayegijima kulo leli qembu kudala.

FUNDA NALA: UBenni usale ekhala ngonompempe Usuthu luphinda lushelela

Elesibili lize noSabelo “Bibo” Radebe kwathi uKeaviano Francis washaya elesithathu eliqinisekise ukuthi Amakhosi ayakhonya kowomkhaya.

“Okubaluleke kakhulu wukuthi siwinile. Ukuwina kuqinisa ukuzethemba eqenjini okuzokwenza bese sidlala kahle okuyinto esiyifunayo.

“Sifuna ukuwina ngesitayela seChiefs okuwukuwina okuhambisana nokudlala ibhola elihehayo.

“Njengoba bekungumdlalo wokuqala nje ngisebhentshini leChiefs emdlalweni womkhaya, ngibona senze kahle.

“Ukubhekana nePirates kuhlezi kuyinto enkulu kanti ukuwina kuwumhlobiso omuhle eqenjini lethu,” kucahaza uKhumalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.