IKaizer Chiefs ijabulele ubulungiswa ngokuvunwa umahluleli

IKaizer Chiefs ijabulele ubulungiswa ngokuvunwa umahluleli
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs seyiveze ukujabula kwayo ngokuvunwa kwayo umahluleli ecaleni labo nePSL. Isinqumo sikhishwe ngoLwesihlanu.

IChiefs beyibizelwe ekomidini eliqondisa izigwegwe yiPSL kulandela ukuthi ingazange ilubhade emidlalweni yayo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba.

Nokho kuthe lungakahlalelwa lolu daba ekomidini lePSL, iChiefs yalufaka kumahluleli obe eseyivuma okusho ukuthi le midlalo emibili izobuyela enkundleni.

“IKaizer Chiefs ikujabulele ukuthi ubulungiswa benzekile ngesinqumo sikamahluleli u-Advocate Nazeer Cassim SC esikhishwe ngoLwesihlanu ntambama,” sifundeka kanje isitatimende seChiefs. 

“(Lokhu) kulandela ukuthi iqembu lifakele inselelo isinqulo sePSL sokubeka Amakhosi icala lokungakwazi ukudlala imidlalo yawo emibili ngoDisemba kulandela ukubhebhetheka kweCovid-19. 

“Isinqumo esasithatha sokucela ukuba le midlalo ihlehliswe ngasekupheleni konyaka odlule sasisithathiswe wukubhekelela ukuphepha kwawo wonke umuntu.

FUNDA NALA: Induku eqhuma Osuthwini seyiyazwela kuMcCarthy

“Imindeni yethu, ozakwethu ebholeni nabo bonke abanye absebenza ebholeni.

“Manje njengoba le midlalo seyizodlalwa, kuwubulungiswa ukuthi amaphuzu asiphunyuke noma siwawole ngokudlala bese sidliwa noma siwine, hhayi ukuthi athathwe etafuleni.

“SIfisa ukubonga wonke umuntu obesesekile. Siyabonga nokuthi isinqumo sizokhombisa ubuqotho bethu kuabaxhasi bethu, abalandeli, nabaxhasi bePSL.

“Sibona kwenzeke ubulungiswa ngalesi sinqumo futhi sesikubheke kakhulu ukudlala le midlalo yeDStv Premiership.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.