Ikhefu libuyise umfutho kwabeSuperSport

Umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo

MTHOKOZISI MNCUSENI
Inhloko yabaqeqeshi kwiSuperSport United, uKaitano Tembo iqaphele umfutho ofakwa abadlali bayo njengoba bebuyele ejimini ngemuva kwekhefu.
ISuperSport igcine ukudlala ibhekene neTS Galaxy lapho ibambane khona ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMashi 5.
Ngaphambi kwalowo mdlalo iSuperSport ibilahla amaphuzu ubuthaphuthaphu njengoba ibambane ngo 1-1 neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kulandelana yase ishaywa AmaZulu ngo 1-0.
UTembo ubelokhu ekhale njalo ngokukhathala okukhonjiswa abadlali bakhe njengoba eminye imiphumela ibimlahlekela ngemizuzu yokugcina.
Ujabule nokho kulokhu uTembo ngomfutho athi uwubona kubadlali bakhe ejimini njengoba belungiselela ukuvakashela iStellenbosch FC koweligi ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama eDanie Craven Stadium, eKapa.
“Kubemnandi ukunika abadlali ithuba lokuthi bake bayophumula emakhaya ngoba vele asikaze sibenaso isikhathi esikahle sokukwenza lokhu ngenxa yezizathu ezahlukene.
“Ngemuva komdlalo wokugcina neGalaxy sibe namasonto amabili ukuzilungiselela umdlalo ozayo neStellenbosch ekuhambeni.
“Kunomfutho engiwuqaphelayo ejimini kubadlali ongenza ngikholwe ukuthi baphumule ngokwanele futhi bebelidinga leli khefu kwazese emidlalweni ebingaphambi kwalo (ikhefu) kunemiphumela esigcine sikhala ngenxa yayo kodwa uma ubheka kahle ubone ukuthi bekungafanele (okusho khona ukuthi bese bekhathele abadlali),” kusho yena.
“Noma kwenziwani kulokhu bayashesha ngale ndlela engibazi ngayo. Kunomfutho ohlukile nje ekhempini.
“Nginethemba ukuthi sizobe silungile ukubhekana neStellenbosch nayo engazibekile phansi kulezi zinsuku uma uzoqaphela imiphumela yayo yakamuva,” kusho uTembo.
Lo mqeqeshi akangabazi ukuthi yini okufanele ayivike uma esebhekene naleli qembu likaSteve Barker.
“Konke okuhlelayo kufanele kube nokuvika ijubane ngoba likhona futhi alihambi lodwa lihamba nethalente kanye nentshisekelo yokuba umdlali osemncane.
“Baningi bayagijima futhi uma ungabhekile ungazithola ukwenkulu inkinga le.
“Kusukela emuva kuya phambili baqinile. Ngiyethemba nokho ukuthi siwulungele lo mdlalo futhi kakhulu ngemuva kwaleli khefana esilitholile.
“Nakuba kukhona abadlali abalimele ebesingathanda ukuya nabo eKapa kodwa ngiyabethemba laba abakhona,” kusonga uTembo.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.