Ikhinyabezwe wukulimala kwabadlali iChiefs ibambana neCeltic

UHappy Mashiane

OKADONGA GUMBI

Ukuqondile ukuthi kungani bededele amaphuzu amabili, bagcina besele nelilodwa abadlali bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt.

Phela kuphele imizuzu engu-15 yokuqala emdlalweni wayo weDStv Premiership neBloemfontein Celtic seyiwaphethe ngesandla amaphuzu amathathu iChiefs njengoba beyihamba phambili ngo 2-0 nje.

Nokho uthe uphela lo mdlalo obuseDr Petrus Molemela Stadium ngoMgqibelo ntamba, ibisiwashiye endleleni wonke lawa amanye seyisele nelilodwa, sebebambene ngo 2-2 neCeltic.

Kodwa uHunt – obungalindela ukuthi abhodle umlilo ngalokhu – ubengakhathazekile futhi engathethi ngemuva komdlalo.

“Bekungomunye umdlalo esenze kahle kuwo… kodwa isifo sethu esidala sokuhluleka ukuvala emuva sibuye ngamandla.

“Futhi njengoba ngihlale ngisho, ngeke uwine lutho uma ungakwazi ukuvala emuva. Kodwa ke sibulawa nawukuthi njalo kumele senze uguquko esingaluhlelile (ngenxa yokulimala kwabadlali), kanti lokho kuyasikhinyabeza,” kusho uHunt.

IChiefs iphoqeleke ukushintsha unozinti uDaniel Akpeyi nesitobha uMulomowandau Mathoho ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Kwathi emizuzwini eyishumi emuva kwalokho, uHappy Mashiane naye wakhishwa – bonke bebethintekile.

Lokhu kuphoqe uHunt ukuba ashintshe indlela adlala ngayo, okuyinto athi ulokhu ephoqeleka ukuyenza kule sizini.

“Ushintsho lokuqala kube nguDaniel, ushayeke Kabi ekhanda futhi cishe usale nengozi. NoTower unenkinga yomsipha wasethangeni kanti ubengasakhoni ukuqhubeka ngemuva kwemizuzi engu-30.

“Khona kunjalo noRama (Ramahlwe Mphahlele) ubenenkinga engakhoni ukudlala, kodwa angifuni ukukhuluma ngalokho…

“UMashiane yena ushayeke kabuhlungu eqakaleni, kwabukeka sengathi kungangcono aphume. Ngakho ke, lezo zinguquko beziphoqelekile, bezingahleliwe.

“Kodwa noma kunjalo ngiyaziqhenya ngabadlali bami, bayangilwela futhi akukho okubaluleke ukudlula lokho,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-56.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *