Ikhombise isipiliyoni iMaritzburg ishaya iSekhukhune kodwa yacishe yabhayiza ekugcineni

U-Ali Meza weMaritzburg United noSiphumelele Mbulu emdlalweni weNedbank Cup eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu

OKADONGA GUMBI

Icishe yabhacaza ekugcineni iMaritzburg United ivumela iSekhukhune United ishaye igoli ngasekupheleni komdlalo wabo weNedbank Cup okwenze uphele sekuminciwe ebhentshini leBlue Hearts.

Nokho ikwazile ubambelela yaze yagcina iwunqobile ngo 2-1 lo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoLwesihlanu. Kodwa indlela edlale ngayo ayikhombisanga ukuthi iyona edlala esigabeni esiphezulu.

Kodwa amagoli ayo abe mahle akhombisa ukuthi abadlali bayo sebenamava. IBabina Noko (Izingungumbane) iyona ebihlasela kakhulu ngesiwombe sokuqala futhi iwakha namathuba kuyikho ukuthi amabhola ayo abephelela ezitobheni noma kunozinti beBlue Hearts.

Nokho libanjwe ngomsila ngunompempe uPhillip Tinyane leli qembu likaMcDonald Makhubedu ngomzuzu ka-42 elincisha iphenathi kulandela ukuthi isitobha seMaritzburg siwise uPrince Nxumalo ngaphakathi ebhokisini.

IMaritzburg ibe seyikhombisa ukuthi indala kulo mdlalo kunaleli qembu laseLimpopo ngesikhathi ivele ishaya igoli ngomzuzu wokuqala esiwombeni sesibili.

Lokhu kube sekuyicindezela iBabina Noko ebe seyihlala kakhulu emuva izama ukuvimba ukuthi ingazitholi seyithelwe ngehlazo lembudlu yamagoli.

Nokho beyizama nokuhlasela kodwa kwasho khona ukuthi beyiqinile emuva iTeam of Choice. Kuthe kusenjalo, iMaritzburg yavele yawuqeda umcimbi ngegoli lesibili elishaywe nguSibusiso Hlubi ngomzuzu ka-68.

Iwatholile amanye amathuba okushaya elesithathu iMaritzburg kodwa yaqayeka. Yingakho ke nje icishe yazithola seyisenkingeni ngasekupheleni komdlalo iSekhukhune ishaya igoli sekusele umzuzu kungenwe esikhathi sikanompempe ovele wafaka emihlanu.

Leli goli, elibaselwe enethini nguSibusiso Mbonani, linike iSekhukhune ithemba nomfutho wokuthi bengalithola nelinye. Nokho ligcine lingavumanga kwaba wukudlula kweBlue Hearts.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.