Ikhombise ubungozi bayo iRoyal AM ijikela iCity seyithi iqedile kwiKe Yona

Ikhombise ubungozi bayo iRoyal AM ijikela iCity seyithi iqedile kwiKe Yona
Sihle Ndlovu

IRoyal AM ithele kamuva ngesikhathi iwashisa ijezi iCape Town City FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ophele ngo 2-1 eChatsworth Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.

EzikaShauwn “MaMkhize” Mkhize beziye ekhefini zilandela ngemuva ngo 1-0 kodwa zayishintsha yonke lento ngesiwombe sesibili.

ICitizens isheshe yacacisa ukuthi ifuna ukuwuwina umdlalo ngesikhathi uKhanyisa Mayo eshaya igoli ngomzuzu wesishiyagalolunye.

Kube ukulala kwayo emuva iRoyal AM okuholele ekutheni uMayo azithole eyedwa walibeka phakathi ngenxele lakhe.

Ibuye seyingasagayelwa mphako iRoyal AM, ihlasela iphindelela emizuzwini yokuqala yesiwombe sesibili.

Ngomzuzu ka-50 umkhonto ugwaze ekhaya kwiCitizens uRelebogile Mokhouane eliqulela enethini yangakubo ngephutha zalinganisa kanjalo Ezasebukhosini.

FUNDA NALA: UBlom uthi babheke ngaphambili komdlalo weTS Galaxy kwiNedbank Cup

Akuphelanga sikhathi esingakanani iRoyal AM yathola ifree kick ngomzuzu ka-54, wadedela isigubhu uLantshene Phalane sakhala enethini kwaba ngu 2-1.

Ngemuva kwalokho Ezasebukhosini azihlalanga emuva bezilokhu zihlasela zifuna igoli lesithathu. Nokho zigcine zingalitholanga umdlalo waphela ngo 2-1.

IRoyal AM yilona lodwa iqembu laKwaZulu-Natal, elidlala kwiDStv Premiership, elisasele kwiNedbank Cup ka-2022. ILamontville Golden Arrows, AmaZulu FC neMaritzburg United, bakhishiwe kulo mqhudelwano.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.