Ikhonjiswe ukuthi benza kanjani ompetha bangempela iPirates ikhishwa kwiNedbank

UPeter Shalulile noThulani Hlatshwayo

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns iqede iphupho le-Orlando Pirates lokuwina indebe yesibili kule sizini ngesikhathi iyibhaxabula ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesine kusihlwa.

IPirates ivele inayo indebe eyiphakamisile kule sizini njengoba ikhale yemuka neMTN 8 ekuqaleni kwesizini. Ukuwina kwiSundowns bekuzoyinika ithuba elihle lokuwina indebe yesibili njengoba amaqembu asele kulo mqhudelwani engaqinile kangakho.

Kusheshe kwacaca ukuthi umdlalo womkhumulajezi ngendlela abephuthumana ngayo la maqembu. Bekusobala ukuthi alikho ebelifuna ukuwashiswa ijezi futhi womabili abefuna ukuqeda umdlalo ngaphandle kokuthi uye esikhathini esengeziwe.

Ngomzuzu ka-12 uPeter Shalulile uthole ibhola eyedwa ngaphandle kwebhokisi wangananaza walibeka phakathi, wagxumisa okwenyamazane njengenjwayelo. UShalulile ucishe washaya elesibili ngomzuzu ka-28 ezithola esebhokisini nebhola kodwa lagcina liphunyukile ezinyaweni zakhe.

IPirates izamile ukuvuka emaqandeni izama ukuhlakaza udonga lweSundowns. Lokhu kugcine kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-33 uTshegofatso Mabasa eshaya igoli lokulinganisa ngemuva kokuthola ibhola ebeligotshwe nguGabadinho Mhlango.

Kuthe ngomzuzu ka-40 wabuya futhi uMhango wadonsa intambo, nokho ibhola lakhe lazishayisa epalini qede labuyela enkundleni isimdlile unozinti weDowns uDenis Onyango. Zigcine ziye ekhefini zibambene ngo 1-1 kanti uMhango noThulani Hlatshwayo bese benamakhadi aphuzi.

Ngesiwombe sesibili bekuseyinto efanayo la maqembu ejahana. UThemba Zwane ushaye igoli ngomzuzu ka-49 ngemuva kokudlala kahle ephaselana noShalulile, yaphinde yahamba phambili iSundowns.

Ucishe waqeda ngeBucs uShalulile ngomzuzu ka-51 eshiya uWayne Sandilands elele phansi kodwa ibhola lakhe lagcina likhishwe izitobha zePirates kwaba yikhona.
Ngemuva kwalokho ibisicindezela kakhulu iPirates ifuna igoli lokulinganisa. Nokho ibibulawa ukutatazela uma isifike ngasemapalini eSundowns. Ukuhlasela kweBucs bekwenza ivuleke emuva nokuyinto ebeyiba yingozi kuyona uma kuphunyuke ibhola.

Ngomzuzu ka-71 ukuhlasela kwePirates kucishe kwaqhamuka negoli lokulinganisa ngesikhathi uMosa Lebusa ecishe elihlohla ngasekhaya. Kusize u-Onyango osheshe wayipopola ingozi walivimba.

Igoli eliqede nya ngeBucs lishaywe uLesedi Kapinga ngomzuzu ka-78, kwaba mnyama kakhulu kweZimnyama. Nokho ibingakaqedi iSundowns njengoba ngomzuzu ka-86 uHlompho Kekana eshaye igoli lesine kwavela kwacima izibani ngempela kwiBucs.

Ukuwina kweSundowns kuyibeke ethubeni elihle lokuvikela iNedbank Cup eyiqukule ngonyaka odlule kukhona uPitso Mosimane. Izobhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni owandulela owamanqamu ngeSonto. Komunye umdlalo weNedbank Cup kuzobhekana iPretoria Callies neChippa United ngoMgqibelo.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.