Ikuphindile lokho iPirates ishaya iChiefs kowoMkhaya

UNtsikelelo Nyauza no-Akumu Agay bebanga ibhola emdlalweni woMkhaya baseSoweto ngoMgqibelo

OKADONGA GUMBI

Orlando Pirates (1) 2

Kaizer Chiefs (0) 1

Kuphinde kwaba yi-Orlando Pirates ephume enkundleni ijabule ngemuva kokushaya izimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Bese kungokweaithathu iBucs izenzela kuMakhosi njengoba yawaphinda kabili nakwiMTN8. Nokho Amakhosi yiwona abecindezela ngasekuqaleni komdlalo futhi kubonakala sengathi azolishaya kuqala igoli. Kodwa afike ungekho umnnyango wokungena odongeni lwasemuva lwePirates.

Wona amathuba iwatholile iChiefs, awubheke nje ngoba ngomzuzu ka-14, uKearyn Baccus uthole ibhola ekulayini webhokisi lePirates, wakhahlela kodwa laphuma eceleni.

Kungomzuzu ka-20 la bekumele ilishaye khona ngampela igoli iChiefs, ithole izitobha zeBucs zinganakile kodwa ibhola lanqaba ukungena emapalini ngisho unozinti, uRochard Ofori esenze iphutha walikhipha phansi kwekhwapha laphelela kuManyama, kodwa wavele washaya into ebheke eDundee.

Kuthe ngomzuzu ka-38, kwaba nokubhayiza kubadlali basemuva baMakhosi, ibhola lathola uLorch wayobhekana ngqo noDaniel Akpeyi olivimbile, kodwa ngenhlanhla yalo mdlali weBucs, lashayisa esithendeni sakhe qede labuyela phambi kwakhe wabe eselidudulela enethini.

Nangesiwombe sesibili, Amakhosi abesahamba phambili ngomdlalo kodwa axakeke uma sekumele aye egolini. Ize yayeka nethuba elihle isinikwe iphenathi ngomzuzu ka-51 ngemuva kokuthi uBen Motswari equmbe phansi uHappy Mashiane engaphakathi ebhokisini leBucs.

USamir Nurkovic uyithathile, wayivimba u-Ofori kodwa ibhola lawela phambi kukaSiyabonga Ngezana kodwa wavele walibhamuza laphuma kude namapali.

Unompempe nabasizi bakhe baxhophekile ngomzuzu ka-70, baphika iphenathi yeBucs yize kubonakale kahle ukuthi uMashiane umbambe qede wamdonsa ngejezi uVincent Pule engaphakathi ebhokisini langakubo.

USiphesihle Ndlovu usuke ebhentshini ekwazi azokwenza njengoba kungaphelanga sikhathi esitheni, walinamathisela enethini kwaba ngu 2-0, sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele.

IChiefs ibe seyilithola eliloyobika eNaturena ukuthi nempela ayile e-Orlando kodwa abuya ikhanda livuza, isibakhiphe inkani iPirates. Leli goli lishaywe nguDaniel Cardoso.

Leave a Reply

Your email address will not be published.