IKZN Athletics yeseka abeComrades ngokwehliswa kwemali ezowinwa

IKZN Athletics yeseka abeComrades ngokwehliswa kwemali ezowinwa
Alfred Ngubane 

Inhlangano eyengamele ezokusubatha KwaZulu-Natal, i-KZN Athletics isikhiphe isitatimende eseseka inhlangano ehlela iComrades Marathon ngokwenyusa imali yokungenela lo mjaho.

IComrades Marathon ikhuphule imali yokungenela, yehlisa imali ezokhokhelwa abazowina kulo mjaho obuyayo kulandela ukumiswa iminyaka emibili.

Amaqembu amaningi nabasubathi bashaye amakhala ngalolu guquko olwenzekile lwemali bekhala ngokuthi luzokwehlisa isasasa.

Umengameli weKZN Athletics, uSteve Mkhasi, ophinde abe yilungu lesigungu esihlela iComrades Marathon uhambe emazwini kasihlalo walesi sigungu uMqondisi Ngcobo ukuthi bashayekile kakhulu kule minyaka emibili emalini ngenxa yeCovid-19.

FUNDA NALA: UBenni udalula okwenza babe buthuntu, bagcine bedlala ngokulingana

“ICovid isixhaphaze kakhulu njengoba silahlekelwe nangabaxhasi abamqoka abebenza kube lula ukuhlela kahle lo mjaho.

“Sikubona kufanele ukunyuswa kwemali yokungenela umjaho,” kusho uMkhasi. Lo mjaho uzokuba ngo-Agasti 28.

Kulokhu uzobe wehla njengoba uzosuka eMgumgundlovu uyophelela eThekwini. Kulindeleke abagijimi abaningi kakhulu abaqhamuka emazweni omhlaba jikelele.

Indlela othandwa ngayo lo mjaho abanye bawubona uyithuba lokungcebeleka nemindeni yabo esuke izobeseka ngesikhathi begijima.

Lokhu kungenisa umnotho eKZN njengoba izindawo zokulala nezokujabulisa izivakashi zisuke zigcwele zinsinsitheka.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.