Ilahle amaphuzu ekhaya iRoyal ibambana neCosmos

UTumelo Matona weJomo Cosmos

OKADONGA GUMBI
Akuyisizanga ngalutho iRoyal AM ukudlala ngokulingana neJomo Cosmos, umdlalo weGladAfrica Championship uphela zibambene ngo 0-0 eChatsworth Stadium eThekwini ngoLwesibili ntambama.
Lo mphumela ushiye i-AM isahleli endaweni yesithathu kanti iyalingana ngamaphuzu neRichards Bay neSekhukhune United abangaphezu kwayo.
Womathathu anamaphuzu qngu-28, kodwa iNatal Rich Boys isenemidlalo emibili ephaketheni kanti iSekhukhune yona inowodwa.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi we-AM, uFloyd Mogale ukhale ngobuthuntu babagadli bakhe, ethi bekumele balishaye noma elilodwa igoli.
UJomo Sono yena uveze ukweneliseka ngephuzu abalitholile besekuhambeni, ethi lingcono kunokubuyela ekhaya beshwiba izandla.
“Besifuna amaphuzu amathathu, besazi bazosihubha futhi sikwazile ukubabamba. Sijabule ngephuzu. Asemane esiwathole eThekwini, futhi mhlawumbe sekumele siyilethe lapha bemidlalo yethu yasekhaya ngoba sinenhlanhla khona,” kusho uMjomane.
Uthe umdlalo obunzima kwazise womabili amaqembu abecuphene kahle uma kubhekwa amacebo okudlala.
Unozinti weZenkosi, uKagiso Ramadivhane wenze omuhle umsebenzi ngomzuzu ka-15, evimba uKabelo Mahlasela obeseputshukile odongeni lwasemuva.
Ngemuva kwaleli thuba, awekho amanye acacile lamaqembu awakhile kwaze kwayiwa ekhefini zisabambene.
Esiwombeni sesibili bese kungconywana womabili amaqembu eseqalile ukuhlasela ezama ukuntshontsha amaphuzu.
ICosmos icishe yalithola ngomzuzu ka-66 ngesikhathi uKhethukuthula Zwane eshaya enhle i-free kick, kodwa ibhola lakhe laceza kancane eceleni kwepali.
Bese zihubhana okwangempela ngasekupheleni komdlalo kodwa kungekho ovuma ukugoba uphondo.
Ezenkosi ziqede zingasaphelele kulandela ukuthi uPetholo Sekome ekhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-88, kungakapheli sikhathi esitheni engenile.
Komunye umdlalo waso lesi sigaba, i-Ubiversity of Pretoria ishaye iCape Town All Stars ngo 2-0.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.