Ilahle amaphuzu i-Arrows ibanjelwa ekhaya

UBrandon Parusnath noMenzi Masuku

OKADONGA GUMBI

Yehlulekile ukubuyela endaweni yesibili kwiDStv Premiership iGolden Arrows ibanjwa yiBloemfontein Celtic ngo 1-1 emdlalweni obuseSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngeSonto ntambana.

Abafana Bes’thende behlele endaweni yesithathu ngoLwesihlanu, idlulwa omakhelwane bayo AmaZulu FC ashaye iStellenbosch FC.

I-Arrows ibidinga ukuwina kulo mdlalo ukuze ibuyele endaweni esihlale kuyo isikhathi eside kodwa kwangalunga. Seyisele ngamaphuzu amahlanu kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili ekubeni isanemidlalo emithathu eyigodlile.

Kuyiwe ekhefini lililodwa igoli, kodwa bekumele ngabe abemane noma ngaohezulu okungenani uma ubheka amathuba abekhandwa yiwo womabili amaqembu.

Nokho bebewashweba, kwaze kwaba nguMzwanele Mahashe okhombisa abagadli ukuthi linanyatheliswa kanjani enethini ibhola ngomzuzu ka-34, engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguMenzi Masuku kade kuyikhona.

Abafana Bes’thende bazamile ukubuya ngemuva kwalokho, kodwa imizamo yabo yaphelela eze. UKnox Mutuzwa ubesemdlile unozinti weCeltic, uJackson Mabokgwane ngomzuzu ka-41, emphambanisa nebhola kodwa lavele lazishayisa epalini.

Nasesiwombeni lamaqembu aqhubekile nokuhubhana, lingekho elizibeke phansi. I-Arrows beyisihlasela iphindelela kodwa yehluleke ukwakha amaphuzu acacile phambi kwamapali eCeltic.

NeCeltic ibilwa, ifuna igoli lesibili ebelizoyigqilaza kakhulu i-Arrows kodwa ifice Abafana Bes’thende sebevukile emaqandeni.

Imizamo ye-Arrows igcine iphumelele njengoba kuthe ngomzuzu ka-72, uS’phamandla Sabelo wazama ukukeqisa kuMabokgwane ibhola, kodwa lazishayisa epalini, ngenhlanhla kodwa lahlangana noMutizwa, wabe eselinamathisela enethini.

I-Arrows iqede ingasaphelele kulandela ukuthi uNtsako Makhubela ekhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukuthola eselibili eliphuzi ngenxa yokudlala kabi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.