Ilahlekelwe wumgqigqo iRich Boyz ephelayo yinduku muva nje

Abadlali beJDR Stars bejabulela igoli

OKADONGA GUMBI

IRichards Bay ibukeka ilahlekelwa wumgqigqo ngesikhathi esibucayi njengoba iphinde yathola induku ishaywa yiJDR Stars ngo 2-1 emdlalweni weGladAfrica Championship eMhlathuze Sports Complex ngeSonto ntambama.

Lokhu kusho ukuthi ayikwazanga ukusunduza iRoyal AM okuyiyo esihlezi eqhulwini kulandela ukuwina kwayo ngoMgqibelo. IRoyal AM ishaye iTS Sporting ngo 1-0 ukuze igxume ihlale eqhulwini la eshiya khona iBay ngamaphuzu amabili (funda umbiko lapha: https://bit.ly/3vSL0aG).

Futhi njengoba sekusele imidlalo emibili ukuba isongwe isizini kulesi sigaba, sekuzoshuba kakhulu embangweni wesicoco. Iqembu elizodla iumdlanganiso yilo elizonyuselwa kwiDStv Premiership.

IJDR Stars iqale ngamandla kulo mdlalo ifuna igoli ebelizoyibeka endaweni engcono ukuthi ingagcina iphume namapuzu. Imizamo yayo isheshe yathela njengoba kuthe ngomzuzu wesibili, u-Elias Monene walivalela enethini ibhola ngemuva kwesidididi ebhokisini leBay.

Leli goli liyivusile iBay yaqala yafaka amandla uma iya phambili, kodwa bese iyilahla ngokutatazela uma seyisondela ebhokisini leJDR. IHammer Boys yona beyisilincenga kahle ifuna ukubabamba benganakile abafana baseMhlathuze.

IBay ithole ikhona ngomzuzu ka-34, yathathwa nguKhanyisa Mayo ovele washaya into ezidlelayo, waligoba ibhola landiza laze layokhalakathela enethini. Ngomzuzu ka-39, iStars incishwe iphenathi ngemuva kokuba uTshepo Mokhabi ewe engaphakathi ebhokisini leBay.

Nokho unompempe uthe lo mdlali uyaziwisa, wabe esemxayisa ngekhadi eliphuzi ukuthi angaphinde azame ukuthenga amehlo ache. Sekuzophela isiwombe, iJDR iphoqeleke ukukhipha uMonene njengoba ebesethintekile, indawo yakhe yathathwa nguTemptation Chiwunga.

Esiwombeni sesibili iBay ibuye seyiyihlanganisa kangcono iminyakazo yayo futhi ilokhu ilunguza nangasemapalini kaBadra Sangare. Icishe yalithola elesibili ngomzuzu ka-67, kodwa uPaseka Sekese washaya ishodi lenkukhu engaphakathi ebhokisini, walivimba kalula uSangare ibhola lakhe. Sekusele imizuzu eyisikhombisa uphele umdlalo, uSimphiwe Mcineka udlalise kabi u-Olwethu Ncube ngaphakathi ebhokisini, unompempe walikhomba emlotheni.

UChiwunga akazange esalenza iphutha, walinamathisela enethini kwaba gnu 2-1 kuhamba phambili izivakashi okwesibili kulo mdlalo.

Imiphumela: Richards Bay 1 JDR Stars 2; CT All Stars 0 Steenberg 0; Polokwane 2 Pondo Chiefs 0

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA 

Leave a Reply

Your email address will not be published.