Ilahlwe yinhlanhla iChiefs iphikelwa igoli koweCAF

USamir Nurkovic weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Ukube onompempe abazange baxhopheke baphike igoli likaSamir Nurkovic ekuqaleni kwesiwombe sesibili ngabe iKaizer Chiefs inamaphuzu amathathu kuGroup C weCAF Champions League kumanje.

Kodwa kumanje leli qembu laseNaturena lisendaweni yesithathu kuleli qoqo njengoba lisenephuzu elilodwa kulandela ukudlala ngokulingana neHoroya AC yaseGuinea eFNB Stadium ngoLwesibili.

IChiefs iwuqale kahle lo mdlalo kuyiyo elawulayo kodwa beyihkuleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

Nokho ngomzuzu ka-27 icishe yalithola igoli kodwa ibhola ebelingqogwe nguSamir Nirkovic langaya la abehlose khona.

NeHoroya ike yaba nazo iziqubu la beyikhombisa khona ukuba yingozi. Ike yawamincisa Amakhosi ngomzuzu ka-31 kodwa ibhola likaDramani Agyei laphuma phezu kwamapali.

IChiefs ibe nebhadi lokuphikelwa igoli ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili. Bekungumzuzu ka-47 ngesikhathi uNurkovic elingqofela enethini ibhola eleligotshwe nguReev Frosler kwesokunxele, kodwa unompempe wathi usesendaweni engamfanele lo mgadli waseSerbia.

Nokho kubukeke sengathi uxhophekile unompempe kulesi sinqumo sakhe njengoba bekunomdlali weHoroya obesemgqeni noNurkovic.

Emizuzwini emine ukusuka lapho, uNurkovic uphinde waliqabulisa inethi ibhola, kodwa kwaphinde kwathiwa ubesesendaweni engamfanele.

IChiefs iqhubekile nokuhlasela kodwa ingakwazi ukuvula izimbobo odongeni lwasemuva lweHoroya. Nazo izivamashi bezilokhu zizama ukuzumisa kanti zicishe zayibamba iChiefs ngomzuzu ka-77, kwasiza uSiyabonga Ngezana wawukhipha umhlola ekhaya.

Isibona ukuthi selimathunzi, iHoroya ibe seyiqala ihlasela ngamandla nayo izama indlela yokuntshontsha amaphuzu agcwele.

Kube nguKhune lowo ogxume walichithela phezu kwepali ibhola abelithunyelelwe wumgadli weHoroya ngomuzu ka-90.

NoLebogang Manyama uzoke ayibuke kaningi ezama ukuthola ukuthi uyifice kanjani unozinti weHoroya, uMoussa Camara intululwane yebhola abemthumelele yona ngomzuzu wokugcina.

Lo mphumela ubeke iChiefs endaweni yesithathu kuGroup C, kanti iHoroya isaphezulu ngamaphuzu amane, ilandelwe yiWydad Athletic ngamathathu.

IWydad ishaye iPetro de Luanda ngo 1-0 komunye umdlalo waleli qoqo obudlale kuqala ngawo uLwesibili. Amakhosi asezobhekana neWydad eBurkina Faso ngeSonto.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.