Ilindwe yimidlalo engase icacise ngesizini yayo iChiefs uma ibuya ekhefini

Abadlali beKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI
Sizoba sincane isikhathi sokuphumula kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt njengoba besekhefini lemidlalo yamazwe ngamazwe kwazise kufanele ukuba ingqondo yakhe izobe ithatha ibeka ngamacebo okubhekana nemidlalo enzima ebalindile uma bebuya.
Imidlalo emihlanu elandelayo yaMakhosi ingase icacise ukuthi leli qembu laseNaturena lizophelelaphi emikhankasweni yalo kwiDStv Premiership nakwiCAF Champions League.
Amakhosi aye ekhefini ehambela phezulu kulandela ukunqoba kwawo kunzima emdlalweni womkhaya la eshaye khona i-Orlando Pirates ngo 1-0 eFNB Stadium ukuzibeka endaweni engcono kwilogi.
Njengoba enabadlali abane kuphela abaseqenjini lesizwe, okungoNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane abasekhempini yeqembu labaneminyaka engaphansi kuka-23 eThekwini, Itumeleng Khune okwiBafana Bafana no-Anthony Agay okwiGhana, Amakhosi azokwazi ukuqhubeka kahle nezinhlelo zawo zokuzilolonga.

ULeonardo Castro osanda kwelulama

Phela kule sizini sincane isikhathi sokuthi amaqembu azicije ngokwanele njengoba imidlalo ilandelana eduze kule ngenxa yokuthi yaphuza ukuqala.
UHunt ukuvezile ukuthi uzosebenzisa lesi sikhathi ukubuyisela abadlali bakhe abasanda kwelulama ekulimaleni, oKhama Billiat noLeonardo Castro esimweni sokuqala imidlalo ngoba uyabadinga kakhulu uma sebebuyela enkundleni ngenyanga ezayo.
IChiefs inemidlalo ebalulekile nebukeka izoba yinselelo enkulu kuHunt neqembu lakhe njengoba izoqala ngoweChampions League neWydad Athletic yaseMorocco ngo-Ephreli 3 eFNB Stadium.
Ezinsukwini ezintathu ukusuka lapho, kuzobe sekuyiStellenbosch esizobavakashela eFNB ngo-Ephreli 6 emadlweni weligi. IStellies yiqembu elivamise ukuyithwalisa uthayela kunomoya iChiefs kanti isanda kubamba umgqigqo omuhle, futhi isivinini ehlasela ngaso siyawaxaka amaqembu amaningi.
Ukusuka lapho, izobe seliphuma inqina ebheke eSudan la iyodlala khona umdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo kwiChampions League neHoroya Athletic ngo-Ephreli 10.
Ekubuyeni kwayo, izobe seyithi tshwe ePolokwane iyobhekana neBaroka FC engenawo umlando omuhle nayo ngo-Ephreli 13.
Ngemuva kwalokho izobe seyiba sekhaya ibhekene neCape Town City, okungelinye lamaqembu ayinika inkinga iChiefs.
Imiphumela yale midlalo izocacisa ukuthi Amakhosi ayiqeda eyihlaya ngokuqeda engaphandle kwamaqembu ayisishiyalombili aphezulu kwiligi yakuleli, nokuthi ayaphuma noma ayaqhubeka kwiChampions League.
Kwiligi yakuleli, Amakhosi asendaweni yesishiyagalolunye njengoba esesalelwe yimidlalo elishumi.
KwiChampions League asendaweni yesithathu kwiGroup C futhi abambene ngamaphuzu amahlanu neHoroya, kanti asele ngamahlanu kwiWydad. Lokhu kwenza umdlalo wawo neWydad kube ngokufanele nakanjani awunqobe.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.