ILions ibukise ngeSharks ebithithiza ngathi isigwadi sibona intombi

ILions ibukise ngeSharks ebithithiza ngathi intombi bona isoka
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kugqame amaphutha ajwayelwe ukukwenziwa abafana besikole ngesikhathi iCell C Sharks ishaywa kabuhlungu yiBritish & Irish Lions ngo 54-7. ISharks iphoxwena kabuhlungu emdlalweni weCastle Lager Lions Series, e-Emirates Airline Park, ngoLwesithathu ebusuku.

ISharks iye kulo mdlalo inganikwe lutho vele kodwa amaphutha ebiwenza, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, bekungathi kuhlanganiswe abafana baseGlenwood High School, nakhona ngemizuzu yokugcina.

Lokhu kutatazela kweSharks, nokwenza amaphutha angenasidingo, kwenze ukuthi idedele ama-try amane ngesiwombe sokuqala. Eyokuqala ingene ngomzuzu wesithathu ibekwa uJosh Adams.

Kudlule imizuzu emine abuya amaBhubesi ashaya i-try yesibili eze noDuhan van der Merwe. Ngemuva kwalokho bavele badunyelwa kakhulu abafana baseThekwini, sebenza iphutha ngemuva kwelinye. Bekulula kakhulu ukuthi iLions ithathe ibhola kwiSharks bese ihlasela kuvalwe amehlo.

Ngomzuzu ka-27 iphinde yadla ugwayi kwiSharks uVan der Merwe eshaya i-try yakhe sesibili, kwacaca ukuthi iqembu lasekhaya lizoyisutha induku. Ngaleso sikhathi iLions ibifika ngezinkani futhi kucaca ukuthi into ezolamulela iSharks ukuthi kukhale indweba yokuya ekhefini.

Ngesikhathi sekubukeka sengathi iSharks izobambelela iye kuyolungisa amaphutha ngesikhathi sekhefu, uBundee Aki ushaye itry ngomzuzu ka-40 zaya ekhefini kungu 26-0.

Isiwombe sesibili siqale iSharks ibukeka ithembisa. Lokhu kuholele ekutheni uJames Venter ashayele iqembu lasekhaya i-try ngomzuzu ka-51 kwaba ngu 26-7. Kube sengathi bathinte iziqandu ematsheni abafana bakaSean Everrit njengoba amaBhubesi evele avuka indlobane.

FUNDA NALA: UChiefs inoMshini wayo omncane oyingozi kwi-Al Ahly

Ngomzuzu ka-57 u-Adams ubuyile washaya i-try yakhe yesibili, kwathi ngoka-61 uLouis Reez-Zummit naye washaya eyakhe. Bese kucaca ukuthi obekumele kwenzeke ukuthi kuphele umdlalo kodwa iLions yathi ngeke iyeke ukubhansela iSharks.

UVan Der Merwe ushaye i-try yakhe yesithathu yomdlalo ngomzuzu ka-74. U-Adams uthe naye uyafuna ukushaya ama-try amathathu, wabeka eyakhe ngomzuzu ka-79. Kulo mdlalo iLions igcine ishaye ama-try ayisishiyagalombili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.