Ilobizelwa wukhilimu wabagijimi iSA Half Marathon

UGlenrose Xaba

ALFRED NGUBANE

Kuzonqamuka iteku kwiSA Half Marathon eGqeberha, eMpumalanga Kapa, uma ukhilimu wabagijimi bakuleli sebekhiphana innkani kulo mjaho obhekwe ngabomvu.

Lo mjaho, ohlanganiswe neNelson Mandela Bay Half Marathon, uhalelwa kakhulu ngabagijimi abasezingeni bakuleli kwazise sesiside isikhathi abanye bagcina ukwenza lento abayithandayo – ukugijima.

Kubasubathi ababhekiwe ekwenzeni kahle nasekupheleni baphinde baqophe amarekhodi amasha singabala uGerda Steyn ongumpetha weComrades neTwo Oceans.

Kukhona noGlenrose Xaba, Yvette Van Zyl, Lebo Phalula osanda kunqoba kwiSizwe Medical Fund SA Senior Track and Field.

Kwabesilisa kubhekwe kakhulu uStephen Mukoka ozidlela amahlanga emijahweni yasemigwaqeni kuleli muva nje.

UMukoka uthe ujabule ngokubuyela ensimini ngoba bekunzima kakhulu egagijimi mjaho ngenxa yokuvalwa kwezwe kulandela ukubheduka kweCovid-19.

Ngo-2019 kwiWorld Half Championships ePoland, uMukoka wangena endaweni yesihlanu wenza isikhathi esingu 59;48.15 esimamisa irekhodi lakhe.

Kanti imbangi yakhe ebhekwe ukuthi imketule nguPrecious Mashele ogile izimanga enqoba ku-5000m kwiSizwe Medical Fund ASA Senior Track & Field yakamuva.

UMashele usethubeni lokuya kuma-Olympics eJapan njengoba angena kunombolo 15 wenza isikhathi eainfu 1.24 wemizuzwana.

H-Elroy Gelent, Mbulaleni Mathanga noCollen Molaudzi ngabanye bababhekiwe esigabeni sabesilisa kulo mjaho.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *